15 | Izindaba
Friday, 08 August 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA oluthi:
Uzibulele umfundi okuthiwa makayofakwa isiphandla senja. baphawule kanje abafundi
kwi-Facebook:
Mthobisi Mntungwa:
KUNZIMA ukuba nguthisha kulezi zinsuku. 🤞
Inamandla Fisokuhle:
ALIKHO nje iphutha elenziwe nguthishomkhulu. Ingane ibe nehaba. Siyazwelana ne-family.😞
Sweetlady: :
AYI khona kunzima. Bayazihlukumeza izingane zethu esikoleni. Abawabheki amagama abawashoyo ezinganeni.
Buti Phumoh Ngcobo: :
AKOBE niyabona ukuthi lezi zingane zenu zi-weak kanjani. Kwayona le nto yokuzibulala kwayo le ngane, ifakazela inkulumo kathisha.
Cindy Mgabadeli: :
ZIYEYISA bo nalezi zingane! Hlambe beyivele inezinkinga nje, kwase kuqondana nesiphandla. Mawuphephise umndeni, siyafisa ukuzwa i-side lawo.
Queen Zelina Makhutha: i:
OTHISHA babuye beyise. Abakwazi ukukhuthaza izingane. Bayahlambalaza. Anyway, akuwona wonke umuntu okumele aphoqwe ngesikole uma engenayo le nto yokufunda. Abanye kumele bakhuthazwe kumathalente nasemisebenzini yezandla.
Jama Kubheka: :
AYIKHO into ehlekisayo uma ingane idelela, asikho isidingo sokuthi nawe uphendulane nengane. Uma ngicabanga, othisha baqeqeshwe ngokuphe-lele, bayayazi into okungafanele izwakale iphuma emlonyeni wabo.
Brama's Brama: :
INKINGA uma useyingane, uyasaba ukuhlekwa ngezinye izingane ngoba into eshiwo uthisha, kayiphumi emqondweni wengane.
Thakasan Thwala:
AMACHOBOKA esiwazele! Sisazokubona okukhulu thina.
Mzukulu Kajoseph:
ZEYISA kabi lezi zingane, futhi zinoSathane.
Bhekinhlanhla Mdletshe:
INKULU indaba esingatshelwa yona lapha. Ubengeke azibulale ngalokho, kukhona esingakwazi, futhi esingeke sisaphinde sikwazi ngoba usezibulele vele.
Ningie Pretty:
UTHISHA usithathaphi isibindi sokukhuluma into enje enganeni?
Xolani Cele:
UNGAZE uzibulale nje ngaleyo nto?
Sandile Dube:
ULOYIWE lo mfundi.