15 | Izindaba
Friday, 18 July 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Utholwe esefile oluthwe yisoka lakwiFacebook. Nansi imibono yabafundi:
NGUMUFI uNkz Nonhlanhla Gumede okutholakale isidumbu sakhe ebulewe, emuva kokuthenjiswa umsebenzi kwiFacebook.
George Nkosvumile Memela:
INKINGA abantu baxakekile, bafuna umsebenzi. Kuthiwa uqale wamheha ngomshado, wanqaba usisi, wase emheha ngokuthi uyisikhulu enkampanini thizeni ukuze avume usisi wabantu kanti uvumela uskhotheni.
Shandu Zondo:
MANTOMBAZANE zikhuzeni. Qaphelani le nto yokuthemba umsebenzi kwiFacebook ngoba ayilungile. Ekamathandana ake niyibhekisise, niqaphelisise ukuthi wuthando lwangempela noma niyaluthwa wumbulali.
Fundiswa Cwele Mzobe:
YOOOO hhay' shame! Kumele sidabuke-ke manje? Siyakhuza njalo, kodwa bangalaleli, bese kumele sikhale-ke thina. Hhayi cha bandla.
Mxolisi Maxwell Hlongwane:
KODWA-KE nabo osisi bethu abezwa! Uyaphi nje kumuntu ongamazi? Basazophela ngenxa yokuba desperate.
Phakade Mthembu:
KODWA ubani lo ofake inhlabathi ephalishini manje? Awu madoda, umuntu ngeke esaqonywa mmmmm.
Mzamo Mkhize:
KUBUHLUNGU bandla. Lo sisi ngowangakithi KwaMhlabuyalingana. Silimele.
Muntu Wezwe:
WHAT if bebevele bazana before batholane kwiFacebook? What if umbulali uzenze omunye umuntu ngenhloso yokumthola lo sisi?
Zulu KaMalandela:
KODWA nani mantombazane anizwa ngale nto yenu yokuqoma kwiFacebook.
Shandu Zondo:
EYI bayashesha ukulutheka osisi kanti iyingozi iFacebook.
Ndondo Mtshololo:
SENIYABONA-KE manje ukuthi ayikho lento yamadlozi?
Nompumelelo Fakude:
HHAYI kodwa nani ngeke, anizwa. RIP kuyena.
George Nkosvumile Memela:
SENGATHI lingabanjwa lelo soka.