15 | Izindaba
Friday, 12 JuneΒ 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Ulume ephephetha uRamaphosa ngabokufika, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
NGUMENGAMELI wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa.Β
Mcooh Mcooh:
Ivaka lendoda lesaba ukukhipha izwi elilodwa, lokuthi abahambe.
Manembe Manembe:
Akakufanele ukubaΒ yi-president.
Skhumbuzo M'fesi Ngema:
Ngolokhu ngishilo ukuthi asinamengameli sizihlalele nje. π£π
Njabulo Mavundla:
Ngubani uRamaphosa?
Ngoba eKZN sesino-president othi thina, uPhakelumthakathi.
Musawenkosi Ntuli:
Yinkinga ngoba baneminyaka belapha abokufika. Okuxakayo wukuthi uNgizwe ubethule esasebenza oKhozini. Ngoba sewaxoshwa, useyabaxosha. Kusho ukuthi naye bamthathela umsebenzi oKhozini.
Aphelele Ngcobo:
Inkinga yakhe ucabangela amabhizinisi akhe akwamanye amazwe, akacabangeli isizwe. Kunjena-keΒ ukuphathwa ngusomabhizinisi.
Muzi Mzee:
Uthe, "asinifuni, kodwa siyanifuna, balinge banihluphe laba banifune amaphepha, sizozenzela thina. Siyazi ukuth ama-ID eninawo awomshosha phansi, leyo nto leyo idalwe yithina, kodwa-ke ningakhathazeki".
Sipho Makhanya:
ILANGA ngilithandela iqiniso nje. π€π
Lucky Sithebe:
Ucabanga ukuthi lena yinto abantu abazovele bakhohlwe yiyona njengasemihleni?
Mthokozisi Mashobane:
Kumfanele ukuluma ephephetha ngoba naye uyimbuka, futhi uyazi ukuthi uvelaphi, eze afike la kwelengabadi. Manje uxakwa wukuthi uzothini kobhululu bakhe, naye azi ukuthi ufihleni.
Xoli Zulu:
Kanti benilindele ini? Ngiyazibuzela nje.
Sabelo Leon Slm:
πππππππ. Uvikela Abangakubo. πππ
Induna Yezinsizwa:
Asihlehli 30 June door to door, abahambe.
Alex Van Der Walt:
Ngeke ngithuke uma ngivuka sekuphethe isosha.
Nothando Tha:
Hheyi uyalazi igundane? Kodwa kufanele, kuyacaca bha manje ukuthi vele akasiyena owala naye, umi nama-foreigner angakubo.
Msizi Dube:
Thina asinendaba ne-speech sakhe, okusalayo siwumphakathi izwe siyazilungisela, asitshelwa muntu since saziqalela.
Β Β Sibahloniphile basidelela, abafokofe nje asijiki.Β
Sibiya Sotobe:
Ababoni laba ukuthi sicikekile.
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
Bekumele enze njani?
Waze wanebhadi uRamaphosa. Since wathatha izintambo akakaze nje anethezeke, antsho- ntsheΒ imali njengabanye aseba- phuma kulesi sikhundla.
Khulekani Inkosiyamashende Mjoli:
Shuthi uyayivubela impi, uyayivubelaaaaa.
Mzonjani Kua Ngwane:
Nimtshele ukuthi asidlali, "Elethu izwe".
Nonhlanhla Shezi:
Akaphume naye limhlulile izwe.
Sifiso Zulu:
Ucabanga ukuthi siyahlanya lo.
Ntshebe Funda Langa:
Uvele wankanta nje.
Mamkhulu Makhathide:
Sesi-rite kakhulu ngabo.