15 | IzindabaΒ
Friday, 04 September 2026
Nduku Buthelezi:
Kodwa abotshwala kasikaze sizwe kuthiwa babaxhasile. Nizothi ngasho.
Mthobisi Thobisa Doncabe:
Bazomgixabeza ngekhalibhothi lonke likashephisi.
Wandile Xaba:
Kusho ukuthi bayayibona indlela asuke ewunanabula ngayo ushephisi emidlalweni. πππ
Bongani Dladla:
Uzohlafuna koze kubuye iMvana.
Xolani Dubulibhunu Mtshali:
Ngiyaqala ukubona inkampani eneqiniso kanje.π€π€π€£π€£
Mlandeli Sidleke Jaiva-zimnike Makhoba:
Bengivele ngingasawudli ushephisi. Igazi lami belingitshela ukuthi usuzoxhasa umfana weSnake π FC.
Sthembiso SamaHadebe:
Yerrr imali itholakala ngezindlela eziningi.
Mziyanda Khumalo Eshane:
Ngiyaqala ukubona ama-benefit kashephisi, selokhu ngazalwa.
Andy Cool OkaMazet Msiya:
Manje sekuzophoqa ukuthi ahlafune uChappies noma engasawufuni. π
Thokozani Sithole:
Siyambongela uMudau, sebeze bambona ukuthi uyayihlafuna, akayidlalisi ishephisi.
Vukile Sibiya:
Odume ngokuhlafuna ushingamu...π aphinde angayiculi neNational Anthem ngesikhathi abanye abadlali beklabalasa kuqhantshe imithambo.π€£π€£π€£
Siyabonga Mvanayenkosi Manyuku Mthethwa:
Β Usezohlafuna mahhala.π
Sphesihle Mpendulo Mabaso:
Hhayi imali iya emalini ngempela. Bekungeke kusanikezwa mina ithuba ngoba phela nami angihlukani neshephisi?
Ntobee Ngema:
NoFalabo bangamshiyi, iqhawe lami.
Sticks Hlanganani Gumzaa:
Kusho ukuthi kuzogcwala amaChappies amhlophe inkundla yonke, ngoba le nhlobo iphela after 5 minutes ubumnandi, maqede ilahlwe.
Sipho Mnikathi:
Plus uhlezi ewunxafuza sengathi uhlafuna u-plastic wesiqeda.
Ngiyasola uwunxafuza noma elele.
Qhawekazi'Lasembo Mkhize:
Uzoqinelwa yimhlathi-keΒ lona. Weee!
Siyabonga Mlotshwa:
Β Uyihlafuna ngisho elele phansi, bemlimazile. πππ
Dumisani Zulu:
Lo mfana usenguMthandeni ngqo. π
π