Izindaba | 15
Friday, 30 May 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
URamaphosa akagudluki esinqumweni sakhe sokunikeza iSilo uMisuzulu isitifiketi sokuba sesihlalweni sobukhosi:
YISILO uMisuzulu kaZwelithini ophonselwe inselelo ngabanye bomndeni, abaphikisana nokubekwa kwakhe.
INdlunkulu kaZulu yona ithi ngeke kuphazamiseke ukuba sesihlalweni kukaNgangezwe Lakhe.
Nyamalele Mbundzane:
KWAKHONA nje ukuthi kuthiwe iSilo sonke ezweni laso sihamba izinkantolo ezafika nabelungu kuyinhlamba. ILembe lalingeke liyivume leyo. Kuyacaca ukuthi ubukhosi buyinto ephansi kanjani kunohulumeni.
Njomane Sandile Mhlongo:
INTO uma inemali phakathi kayixazululeki ngoba nomunye ubuka iqatha.
Bongani V Mthembu:
INKOSI iyodwa, King Simakade Sezulu.
Sbu Swid'obhaliwe Mkeyeez:
LUNYE zwi uHlanga Lomhlabathi kwaZulu. YiSilo samabandla wonke iNgonyama uZondama-gwala.
Nkululeko Vanhei Khuzwayo:
MINA ngiyoba neNkosi mhla kwehla le eyabekwa.
Ngcebo Ngema:
KUSHO ukuthi iMbube ihlezi ngoshuni wenkani, sebeyayazi.
Kay Vee Ndwandwe:
SINENKOSI eyodwa iSilo uMisuzulu, okunye nokunye kasikwazi.
Zwelakithi Africa Mchunu:
KASINANDABA nesinqumo senkantolo thina, iNkosi ikhona uMisuzulu.
Martin Sibanda:
YISO sodwa iSilo sethu, dark or blue.
Ndalwenhle Vezi:
SESANELE nkosi yami. 😏
Mphumzeni Sigcino Mashobane:
😂😂😂UMA bewaxebula nje
ama-disc obuNgonyama, kofanele aphume.
Njabulo Mdanda:
😆 🤣 😂 ALIKHO icala ongaliwina ubhekene noCyril Ramaphosa, if uphika ubuze umkhulu waseNkandla.