15 | Izindaba
Friday, 21 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA (website), oluthi: Kuqubuke umsindo nge-video yomhlengikazi ethethisa futhi ehlokoloza ngomunwe isiguli ewodini, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Ernest Nhlangoti:
Ernest Nhlangoti: Sesizosaba nokugula phela manje.
Sithembiso Madlopha Sthe:
Angithi nithatha ama-CV emasosheni, niqashe ngawo amanesi? 🤔 Ngeke ngihlulwe wukubona isosha mina.
Wandy Zwane:
Iziguli nazo ziyadelela bakithi, they test your patience.
Thashy Nxumalo:
Yilaba bantu abasebenzela imali, umuntu engenalo nothando lwalowo msebenzi. Anobuye nivakashele naseMshiyeni. Kayikho impatho laphaya.
Nkululeko Mabaso:
Uphelile umsebenzi. Bavele abanandaba nabantu, banendaba nemali nje kuphela.
Sbongiseni Singila:
Amanesi wumkhuba wawo lona, ayadelela enjalo, awahloniphi, futhi azithwele kakhulu.
Maphum Phum Mayaba:
Iziguli ziyahlonishwa, ukusibeka isandla seku-too much. Makaxoshwe ngoba akawazi umsebenzi wakhe.
Makwa Yoliswa Landlondlo:
Kuphelile ngawe sisi.
Nictor Gasa:
Belingekho idosha, manje uqalekela ezigulini.
Ntokozorh Sphilerh:
Kahle kahle bayadelela labo sisi abasizayo ezibhedlela. Umnyango mawuye naKwaHlabisa, uzobona okukhulu.
Zoh Zoe Mchunu:
Awadeleli kanje ama-nurse, ngathi ayethunywe yithina ukuyofunda. Uthi ubuza serious, ungazi, umuntu avele aphendule ukusutha kwakhe.
Ben Jones:
Idlozi lesigulane likhulu, ama-million angaka esizowakhokhelwa wumnyango wezempilo. Ngicela ukumfunela i-lawyer.
Promzah Mthembu:
Iqiniso lithi sibona i-video, isiqalo kasisazi. Kungenzeka isiguli besimthuka, sikhuluma namagama okwedelela, kodwa sekusolwa inesi, selithathelwa nezinyathelo.
Kungani kungafunwanga isiqalo sendaba kuqala, ngaphambi kokusatshalaliswa kwe-video?
C-zweh Mthiyane:
Bekwanele ukumkhomba, not ukumthinta ngendlela yengxabano. Ngiyasesaba isphetho. 😥
Yolanda Sbonga:
Weeeeee hhaybo, bekumele abakubo kwesiguli bambonise ama-flames lo nesi.
Nontokozo Gumede:
Ngicela nize eRedhill Clinic. Kukhona onesi ababili abakuthethisa kuze kuthi mshaye, noma kuthi khala.
Mlungiseleli Vincent:
Hhayi, kodwa le nkunzi noma uyibuka, uyabona ukuthi ibimeyisa lo sisi.
Mahlekanjalo Phakathwayo:
Walikhahlela iphalishi lakhe lo sisi.
Thenjiwe Nkosyenkantolo Kubheka:
Yeyi yeyi, lamuflathela elakubo usisi, okusho ukuthi uyile nhlobo engayazi into eyiphumele ekhaya Jesu.