15 | Izindaba

Friday, 07 November 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: ISilo uMisuzulu sisolwa ngokuxova isizwe. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


The Locust:
Makaxove impela. Sathi siphaka-misa uSimakade Samakhosi, kwathiwa yisilo sikasofa.

02


Mphumzeni Amos Shezi:

Makaxove kakhulu impela. Sasingekho mhla bemnika isitifiketi sokuxova.

03


Thina Sobabili Nyembezi:

Nabafowabo balanda abafazi bamaSwazi, bawanike ubuzwe.

04


Mayanda Collen:

Impela siyayivubela, kodwa igazi labantu liyobuzwa kusona iSilo.

05


Ntokozo Luvuno:

Isinqumo ngomhlaba wabaKhwanazi sibe nokuxhama-zela ngoba sithathwe ngaphandle koku-consulta izizwe ezizothinte-ka. Kodwa-ke kasisho lutho.

06


Musa Mcusi:

Omkhulu kumele alungise impela.

07


Nkosi Khumalo:

Ubaba ekhaya uma efuna ukulungisa izinto, ngicabanga ukuthi uba nalo uhlelo aluthatha-yo, abe namadoda awethembayo, abhunge nawo ngesinyathelo afuna ukusithatha.

Inhloso yokubhunga nala madoda usuke efuna ambonise uma ephaphalaza, aphinde amnike namasu.

Ngikusho lokhu ngoba kangizwa muntu ochazela umphakathi ngesinyathelo esenziwe ngoNgangezwe Lakhe ukuze umphakathi uphenduleke kulokhu kudideka.

Siphinde siqonde futhi ukuthi iNgonyama kungani ithatha lesi sinqumo. Singadunguzi oswini. Mangibonge.

08


Gety Ready:

Senzeni bafowethu iSilo Samandla, iNdlulamithi.
Kungani kuthiwa sixovile?

09


Ronney Khumalo:

Yebo singamsola wukuthi nje akazenzi. Emuva kwakhe kunenhloso yokuqeda ngesizwe saKwaZulu. Bathi sihlangene kakhulu.

10


Sboniso Mnyandu:

Sona siyaganga impela-ke. Masibuyisele indawo yakwaMkhwanazi.

11


Sthokozisiwe Ngcobo:

Uxova inhlama yamagwinya mhlawumbe.

12


Thobani Mthiyane:

Kayikho leyo nto! Thina esingahlomuli lutho kasiyiboni inkinga. Ibonwa yilaba ababhene-fithayo.

13


Phumlani Msiyane Makhathini:

Nifuna ukutshela iSilo ukuthi silibuse kanjani izwe?

14


Themba Shange:

Ohlab' eyakhe akaphikiswa!

15


Mandla Hambavangeli Mnqondo:

KwelabaKhwanazi konakele.

16


Themba Msiya:

Uxovile kakhulu lana kwelakithi.

17


Sandile Corrector Manda:

Kudala wasixova benoRamapho-sa.

18


Rowas Phumlani Vilakazi:

Thina esihamba neSilo uSmakade si-happy kabi kabi.

0