15 | Izindaba

Friday, 11 September 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

INdlulamithi ikhala ngokuxhashazwa wuhulumeni, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

YISILO uMisuzulu kaZwelithini, othi uhulumeni umvalela ngaphandle.

01


Thokozani Erick Jozana:

Osopolitiki abasifuni iSilo. Ukuba kuya ngokwabo ngabe asisekho, kubuse bona bodwa.

02


Nqobile Zondi:

Naso iSilo saziba isizwe saso uma sikhala ngabokufika. Kunokuseseka isizwe, sasigxeka, saqeda sayohlangana nabase- Zimbabwe, ngalena kokuzifaka ezicathulweni zabakhalayo.

03


Bongani Mgwaba:

Asifunde ukuphatha kahle oNdlunkulu baso kuqala, andukuba sifune ukuya koku-too serious.

04


Roxane Phillips:

Ngathi naso iSilo sesifuna ukulawula uhulumeni nje. Kanti asinaso yini isabelomali saso? Kanti siyenzani imali njengoba sesikhala ngokuthi asinayo imoto?

05


Mluleki Mbele:

Unjalo-ke, kade esiziba nathi simtshela ukuthi asisabafuni laba bantu bokufika.

06


Yandiswa Ntleko Kweyama:

Sithe abantu basemazweni uma beza eKZN, basuke befuna ukubona sona. 🙆😭

07


Njomane Sandile Mhlongo:

Mhlawumbe uyadinga oNgangezwe Lakhe ukuthola uthisha ozomfundisa ukuthi ukuphi umehluko phakathi kwesihlalo sakhe nohulumeni. Angagcini esethatha inqubo kaHulumeni waseSwazini nobukhosi baseSwazini abuqhathanise nobakuleli, ngoba inqubo namandla akufani.

08


Niche Spices Herbs:

Ngenhlonipho nesizotha... isizwe siyasithanda iSilo, naso iSilo masibonise uthando esizweni.

09


Dumisani Mbambo:

Hawu! Angithi babuye bakhale nje, bethi uhulumeni ugxambukela kakhulu ezindabeni zeSilo?

10


Kamashobane Kamashobane:

Sebemncisha itiye yini uBayede?

11


Wiseman Ngema:

ISilo siphethe amakhosi, hhayi uhulumeni.


0