15 | Izindaba

Friday, 16 October 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Iphoyisa lidubule umkalo kubangwa isondlo, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Victor Madoda Dladla:

Kuyoba buhlungu uma isondlo bekuzoba ngesezingane, ngoba kazisenaye umuntu eziyokhalela kuyena, unina ushonile, uyise uyabhantinta.

Nayo-ke le nto yokuthi umuntu ongasamthandi, kodwa imali yesondlo eqhamuka kuyena uyayifuna, inzima.

02


Zola MaDlangamandla Mtolo:

Amadoda kawafuni ngempela ukondla.


03


Nj Ndlangamandla:

Kuyenzeka umuntu athi ingane ngekalona, kanti akusiye eyakhe, ngokubona isimo sempilo yalowo muntu.
Amadoda kawasathembi, emuva kwesikhathi usuyathola ukuthi ingathi bekungekasikhotheni, wayefuna yondleke nje.

04


Masuku Nhlane:

Ngilunge nginje ngingayihubhi inja uma ingafuni ukondla.

05


YCat YCat:

Umsebenzi waphela kanjalo.😭 Abanye abantu emakhanda kubolile.

06


Ntomby Shezi:

Zondleleni izingane bafazi, thina kasihlulwa yilutho. Niyiyeke le mikhovu yamadoda.

07


Siphokazi Pintshane:

Angisoze mina ngondlise umuntu ngenkani. Umntwana uyakhula noma engodliwanga nguyise.

08


Phumeh Ntuli Emkhonjeni:

Eyy mina ngeke ngiyenze nje lento yokufaka umuntu i-maintenance ngoba vele usuke uzifunela ukufa vele.

09


S.A Beauty's:

Mhlambe wondliswa ivezandlebe nje, naye uyazi.

10


Princess Jah Lacee KaShenge:

Eeeeey uzothola ukuthi bebemcindezela nkosi yami, uthole ukuthi kusebenza yena yedwa. Eeeey asazi ngempela.

11


Zandile Chiya:

Uyakhula umuntu noma engondliwa, sakhula nathi.

12


Sboniso Nzimande:

 Ayikho into e-wrong ngokondla izingane zakho. Inkinga iqala uma owesifazane esekufuna imali ephindwe kabili kulena ebenenza ngayo i-grosser nisendawonye, jst bcs ethi uyakulaya

13


Zinhle Mtshali Zinhle:

Yeyi awafuni ukondla amadoda! Amanye abulala izingane lezi asuke efakelwa zona isondlo, ungazi awuyiyeki ngani inja uma ingondli ngoba hleze yakhula without isondlo sikayise.

14


Dudu Zuma:

Abantu kabazi ukuthi kunzima ukuba nezingane ezingondliwa, uyise umbona uyise esebenza, engatohozi. Impilo iyabiza, mhlawumbe nezingane zifunda kulezi zikole ezidinga imali.

15


Joyce Mhlongo:

Uma engafuni ukondla pho umbulalelani? Ubengayeka ukufaka imali, unina wengane azikhulisele ingane yakhe. Ayikho into ehlula imbokodo.

16


Forward Mbatha Emshukansizwah:

 Amaphoyisa anequnga elibi.

17


Rachel Mthembu:

Abafuni ukondla izingane zabo, kodwa bondla ezamanye amadoda.

17


Nomkhsi Ngxabi:

Yiphoyisa lelo noma bekuyiphara? Ubengamyeki ngani umfazi ngoba ubezobona ukuthi uzozondla kanjani izingane.

0