Izindaba | 15

Friday, 04 July 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Basonga ngokubopha 'oqambe amanga ngokuthunjwa';
baphawule kanje abafundi bethu:

Image

NguSimthande Myeza ongusomahlaya nomlingisi, abakwaBolt abasabisa ngokumvulela icala ngemuva kokusola omunye wabashayeli babo ngokumthumba nokumqola.

01


Themba Xulu:

Kumele ajeze lo, ungcolisa i-business yabanye bantu.

02


Buzabona Buthelezi:

Uma kungamampunge kuyomele umthetho udlale indima yawo..

03


Cromewell Kheswa:

Baningi abazoboshwa coz khona omunye wakuZalo ongisabisayo lana ngale nto kaSimthande Myeza...
"uze wathi weBafo umhlaba muncane, iSocial media iyabulalisa" ngoba ngizifunela ubulungiswa since ngisebenza ngawo uBolt. Ngisho noma ungaduma kanjani ngiyokubophisa mina kwehle nesithunzi sakho.

04


Mkhululi Shandu:

Udlala kabi ngento ebucayi kanjena kulezi nsuku.

05


Susan Nyuswa:

Lama cala amaningi kangaka ahlezi ebikwa ngokubulawa kwabantu bebulawa kwaBolt, bathini ngawo? Bangazoqinela uSimthande. Sebezenza abantu
abane-care kubagibeli. Umuntu nje osayophinde agibele uBolt kobe akayithandi impilo yakhe.

06


Kuhle Msibi KaSiwela:

Akenimyeke bakithi ubengaqondile.

07


Nokuthula Mbeje:

Waze waziphoxa uma le nto iyiqiniso! Awani amanga angaka!!!!!

08


Yengwayo Ngubeni:

Ubengaqambi amanga, ubenza ihlaya moss🙃.

09


Sipho Dumisani Ongabulokothi:

Kushukuthi nje wazixabanela nesoka lakhe, usezoqamba amanga - akaboshwe suka. Uyanyanyisa ngale nto ayenzayo

10


Asavela Fihla Vela:

Umaka Thangthini udlalelani ngoBolt?

11


Jeza Mandlamj:

Yazi ngike ngayisola le. 


0