Izindaba | 15
Friday, 13 June 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Izinyunyana zisabisa ngokunyomfa izivivinyo zabafundi. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUMENGAMELI weNatu uMnu Sibusiso Malinga.
Ernest Nhlangoti:
VELE umsebenzi wazo wukunyo-mfa ukuze leli zwe lingayi phambili. Bafana nse ne-opposition eyenza sure ukuthi iphikisa noma yini.
Nhlakanipho Blackbone Mthethwa:
YIYONA nto eyaziwa yizinyunyana leyo, ukunyomfa. Laba bantu bafika izinto zibheda phakathi kwazisebenzi nabaqashi, bona bafike zibe worse.
Mholiwesihle Nxasane:
NYOMFANI, akusebenzeki ezikoleni, imali yokusebenza ayifakiwe kusukela ngonyaka owedlule. Othishanhloko sebesebenzisa imali yabo.
Nicky Gavu:
SELOKHU ngaqala ukusebenza, kangikaze ngijoyine nyunyana, ngoba kazinamsebenzi walutho. Uma ngixoshwa, mangixoshwe.
Sithenjwa Psm Nene:
SEBEKHUMBULE uswazi njalo. Phela kade balugcina, yingakho sebefuna ukunyomfa izivivinyo. Sebeyaluzingela ngempela.
Lungelo Puleh:
NASO isicefe sezinyunyana, zingosomathuba, ziyagwazelwa zibuye zixoshise abantu emsebenzini ngale nto yazo yokuhlomeka.
Nyamalele Mbundzane:
UMNYANGO wezeMpilo nowezeMfundo eKZN, ikhona inkinga futhi inkulu kuyona.
Mondise Sithole
SEZIYINYOMFILE. Kuyimanje kakubhalwa.
Mnini post:
AZIZELE yini zona lezo zinyunyana zakhona?
Msizi Ngcobo:
ABENZE akubonayo.