15 | IzindabaΒ 

Friday,Β 18 September 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: I-ANC ichithwe yinkantolo kolwamakhansela angabhalisiwe, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Khayelihle Nkosi:
Siyabonga nkosi yenkantolo, baze babanjwa ofishi.

02


Mzamo Madide:

Yeey izinto ziyajika emhlabeni. I-ANC yayazi ukuthi iyobusa kuze kubuye uYesu... kunjani manje? 🀣

03


Alex Van Der Walt:

Bese bekhohliwe ukuthi kabasaphethe bodwa.

04


Sabelo Zulu:

UNkulunkulu ubathanda bonke abantu bakhe. Siyovotela iMKP.

05


Nana Madide:

Akuqali ngabo. Iminyaka ewu-5 iwubala, neNFP kwake kwayehlela, nakhu isekhona, futhi iyaphila.

06


Thobani Mphiliseni Ncanana:

Sibonga i-GNU, phela ukube baphethe bodwa, bebezongena nje kuleyo IEC.

07


Mzakes Nyanganduna:

UThixo usebenza emfihlakalweni. 🀣

08


Thabang Richman Mdadane:

Win thina. πŸ•ΊπŸ•ΊπŸ•ΊπŸ’ƒπŸ’ƒπŸ’ƒ

09


Thandi Mfolozi:

Uyikhiphe ngokwakhe umoyongcwele. 🀣🀣🀣🀣

10


Sibusiso Dlamini:

Β Siyabonga kuNkulunkulu wobuhixihixi. Sengathi engasikhumbula ngale nto enhle kangaka nango-2029, kwiNational and Provincial Elections!

11


Zweli Mphala:

Siyabonga kwi-IEC. I-ANC izitshela ukuthi yiyona kuphela eyazi umthetho. Ifuna ukwenza intando yayo, ikhohlwe wukuthi iminyaka ayifani, nokwenza akufani.

12


YisekaBazini Nkulu Somnyama:

Kuyaqala ukuthi i-IEC yenze iqiniso.

13


Ndah Luthuli:

Ngaze ngasaba, ama-by-election azokhandwa ngenhloso kulezi zindawo ebinamandla kuzona i-ANC. Baphela abantu benkosi.😒

14


Khulekani Sondiya Buthelezi:

Le ANC yenu izobulala abantu abazongena ezikhundleni zobukhansela ukuze kube nama- by-election,πŸ˜­πŸ’” uzothi ngasho.🀞🏽🀞🏽

15


Sanele Mkize:

Nazo-ke. πŸ˜‚ Kumele kuxoshwe abantu. Kazi ngubani okuzothiwa ijazi maligcwale umoya?

0