Izindaba | 15
Friday, 27 June 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
AbeChiefs bachazwa wukufika kofaniswa noJesu. Nansi imibono yabafundi kwiFacebook:
I-KAIZER Chiefs ibambe ufishi omkhulu ngokusayinisa u-Ethan Chislett, okuyizindaba ezehle njengoju kubalandeli bale kilabhu.
Ndumiso Zond'amaxoki Gumede:
NGINGUMLANDELI weChiefs, kodwa kangikaze ngihleke kanje yoh. 😂😂😂🤣🤣🤣
Mpumelelo Mthabela:
AKAFANISWA, nguyena ngqo uJesu Khrestu. 🙄
Mdladla Dumisani:
KANTI Yinganekwane?
Sbo R Leeuw:
UJESU waseShowe. 😊😊
Sikhumbuzo Uskhu Sithole:
LAPHOA kabayazi kwayona indodana kaDavide.
Gatsheni Zingelwayo:
SOBONA enkundleni.
Mndeni Nxele:
KUSHO ukuthi izinkinga zabo ziphelile, imithandazo yabo izwakele. 🙌
Benjie Gumede:
YIMVANA kaThixo ngempela. Masethembe izobafela ngempela ibakhiphe naseGibhithe njengo- Moses. 🤣🤣🤣🤣
Njabulo Jayz Nongalo Msweli:
UVUKE ngePhasika.
Yengwayo Ngubeni:
Owakwabani yena lo Jesu! Sawubona Jesu. 🤪
Sir-Lindo Wakwa Mantshinga:
BACHAZWA wumsangano.
Selby ST Mkhize:
BONKE bafika befaniswa noJesu bahambe sebefaniswa noSathane.