15 | Izindaba
Friday, 13 February 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
AbaKhwanazi bebeyoxolisa eNdlunkulu kaZulu. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Ave Mvulana:
NGABE iNdlulamithi yashweleza yini kumkhulu uMntwana waKwaPhindangene ngokumbiza ngo-blatishid, yamshayela netafula (ngesandla), ngoba inhlonipho iza nxazonke.
Naye-ke oMkhulu makahloniphe isizwe soMnyamana, axolise ngoba akamkhulu kunabantu abaphethe.
Joeh Joeh:
SENGATHI ungahamba ngesizotha manje Mntwana kulolu daba lwakwaMpukunyoni, kalusafani ngesikhathi sikaMzokhulayo, nihamba ngemuva iSilo uMdlokombane ngodaba lwakwaMpukunyoni.
Sengathi manje ukudla kushintshile epuletini. 😃😃
Vela Mdletshe:
LABA bazifunela amaguqa nje onkabimalanga. 🤣🤣
Lizwikalindani Mzobe:
KODWA-ke lo mkhulumeli weSilo, ngimkhonzile nkosi yami, isisoka olwimini kuye kasipheli.
Ume njalo Mntwana.
Veli Nkwanyana:
NINA yini kodwa Mntwana eniyenzayo eqhatha abantu? Senoze nibagqishise okhohlo. Ubuxoki mabuphele, umholi abe neqiniso.
Siyacela kungaqhatheki abantu.
Zwelakhe Bonginkosi Qinisela:
KUSHO ukuthi ngeke esazivala izimayini.
Siyabonga Madoda Mdlalose:
AKUHLONISHWANE kwaphela. Omncane ahloniphe omkhulu, omkhulu ahloniphe omncane.
Thobza T Man:
KWAKUNGUTHISHA wami lona uMageba.
Brakeity Siwela Nkosi:
HLUKANANI notshwala, niphethe isizwe.
Mlungisi Buthelezi:
NDABEZITHA, Mageba siyabonga. 🙏
Mqondisi Mbhele:
NGUBANI kambe owayesuse udweshu?