14 | Izindaba
Friday, 17 October 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Uthunjwe wakhishiswa u-R400 000 ophunyelwe ngeyakwaRAF. Baphawule kanje abafundi kwiFacebook:
Simphiwe Shumi Mchunu:
Yilokhu ukuhamba umuntu ememezela, etshela bonke abantu ukuthi unemali eningi. Kahle hle, izindaba ezithinta imali nje, kaziyona into ongakhuluma ngayo kunoma ngubani.
Kufanele zibe yimfihlo yakho wedwa, ngoba leli zwe esiphila kulona, ligcwele ubugebengu, liphethwe nayindlala.
Lindam Gabriel Maluleka:
UMA uphunyelwe yimali, thula ungaxoxeli ngisho i-family.
Lungie Lungie:
Ningakhohlwa nalaba bantu abasebenza ema-bank, bayadayisana.
Phindile Khuzwayo:
Indaba isemndenini.
Thandekah Ndlovu:
Akuvumi phela bathule abantu uma benemali, kuba wumbukiso.
Thule KaMadlanduna Luthuli:
Ngingavele ngithuthe nje, ngiyohlala kwenye indawo lapho ngingaziwa khona.
Nokuthulabuthelezi Butuelezi Buthelezi:
La ma-App okuthiwa asiwenzeni ema-Bank, yiwona lawa asidayisa-yo. Mina sengiyayishiya iPhone ekhaya, ngiphathe ubhopopo uma ngihamba.
Jeremia Ngubane:
Yasifana neyebheyili, kanjani? 😀
Zama Mngadi:
BAZE kanjani kuthi unemali?
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Makubhekwe bona laba bakwa-RAF noma emndenini. Ebazi ngani amasela ukuthi isiphumile imali?
Nonjabulo Mlaba:
Ebe ekade engayifaki ngani kwi-fixed deposit imali?
Mami Shelembe:
Ngingamane ngife, ngeke ngibanike.
Mhlonishwa Mhloo Miya:
Engabe batshelwe ubani ukuthi uphunyelwe imali?
Noma nguyena ubehamba echoma ngemali ephumile?
Nkululeko Godfrey Ncengwa:
Engathi uma uphunyelwa yile mali, ungavele uduke nje endaweni ohlala kuyo, ulungise zonke izinto zakho uze uqede, bese ubuya-ke.
Simon Matitsa:
Yila mafoni ngoba uma ungenayo i-App, ngeke kwenzeke lutho.
Slondiwe Mvelase:
Mhlampe ukuba ubeyi-fixile nje, bekungeke kube lula ukuthi bamkhiphise. Mhlampe bekuzoba yikho ukuthi bebezombulala uma bengayitholi.