14 | Izindaba
Friday, 14 May 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Uphika eyocansi nowokufika onesifo esingajwayelekile, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
NGUNKZ Snenhlanhla Khoza (31), ohlaselwe wukugula okungajwayelekile, okubizwa ngeWerner Syndrome, okukwenza ukhule ngokushesha.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
ESITHOMBENI esingezansi kusenguyena uSnenhlanhla ngesikhathi engakahlaselwa wukugula.
Ntombi Toffolux Sibiya:
Ake kuyiwe kuloyo muntu ayobuzwa ngale ndaba.
Lungie Mdladla:
Vele isifo sokuguga sikhona, wukuthi kasandile eNingizimu Afrika. Yena makayeke ukuchaza, anake impilo yakhe.
Rachel Vezi:
Kodwa nihlule SA. Aniyisweli into eningayisho. 😔
Thembinkosi Dlakadla MngomeZulu:
Hhayi cha zikhona izifo bo! Awuzwe nje "isifo sokuguga" into engakaze ibekhona ngisho emlandweni.
Thembinkosi Sithole:
Ngeke avume vele, icala wumphikwa.
Slondiwe Mvelase:
Bakhuluma izinto eziningi nabo. Ozibize ngosisi wakhe uyishilo le, kodwa sebeyayiphika.
Mjk KamaZulu Ximba:
Kwashintsha ukudla epuletini. 😳
Mthokozisi Wise:
Kwayena ukhuluma into engaqondakali.
ZamaNyambose KamaSibiya Ngwazi:
Angithi ifike naye le ndaba, wayiphika manje?
Beshe Ngcobo:
Kwaze kwabuhlungu.
Lunamandla Mngonyama:
Bantu masizifundise ukufuna usizo ngenye indlela, hhayi la kwiFacebook, ngoba la uzothola ubuhlungu phezu kobunye.
Thina abanye usizwise ubuhlungu sibe singakwazi ngoba izinhliziyo kazifani, nokucabanga akufani, nonembeza njalo njalo.
Besizibika kuphi lezi zigulo zethu ungekho lo mbulalazwe?
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Uma esephika, uthi wayewaqa-mbelani pho amanga?