14 | Izindaba
Friday, 11 September 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Sineminyaka ewu-5 singayi ocansini noNala emshadweni, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Inamandla Fisokuhle:
Akuve kunihlula ukulinda. Ngo-5 years nje, usungaze ubange umsindo ongaka? 😫
Nkosie Tunton:
Hlala, liyeza igama lakho bo, ungajahi. Khumbula phela ukuthi ugane umuntu ophila ngevangeli.
Noolijuu JabuMntungwa:
Uyanqena yini ukuthola omunye?
Nkanyiso Philangenkosi:
Yini le engaka ebaluleke ngocansi kanti? Abantu besifazane abakwazi ukulinda. Ngo-5 years, usungaze ukhiphe umuntu emaphepheni? Kahleni i-drama bantu besifazane.
Estee Hadebe:
Ngeke udlale ngengane yomuntu, uNala uyayihlukumeza. Ubeyishadelani kanti? Umfazi umenza ifenisha. Khala ntombazane, lizwe nezwe ukuthi ubuphethwe yindlala.
IntombikaNongoloza Gumbi KaMdakane:
Kuningi kulo muzi. Ake silindele okunye, ngathi ikhona into ezayo. 🤞🤞🤞🤞🤞🤞🤞🤞
Khulekani Msibi:
Wayethuleleni sonke lesi sikhathi esingaka? Mhlambe useqomile, useyalibalekela ikhehla.
Teargas Mlilizeli Maseko:
Uyaganga uNala uma kuyiqiniso, uyondliwa umfazi.
Elshaddai Lungani Hlongwa:
Akulaleki nomfazi ongahloniphi, onomlomo omude. Akuvumi nje.
Philani Nzuza:
Uthi wayenithathelani uma ezonibulala ngendlala?
Bonginkosi S Mbonambi:
Basenkonzweni yebhande inkosi.🤣
Ntokozo Myeni:
Mincane kabi leyo minyaka, kuyabekezelwa emendweni.
Mnesh Khumalo:
Kunani pho lokho? Ukugcagca kumayelana nocansi yini?
Lindi Mthethwa:
Angithi nafunga nathi ebuhleni nasebubini, akube njengezifungo zenu-ke.
Mxolis Rudolph:
Inkinga iqala ngokulandela ibhodwe eliconsayo. Kuthi uma izinto zingasenzeki ngendlela yakho, bese ubangela thina isicefe
Lungile Nzimande:
UNkulunkulu akawufuni umkhuba.
Zazy Spheh:
Abantu besifazane bayathanda ukuveza inkinga yasekamelweni. Uma umuntu enenkinga, akakhulume nendoda yakhe, ayibuze ukuthi kwenzekani.
Patrick Mhlongo:
Khona lana abethola khona. Kodwa-ke bekumele angamemezi, azihambele izindlela zakhe, abuye esesula umlomo, ahlale phansi.