14 | Izindaba
Friday, 13 February 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: kusolwa izinkinga kushiya abefundisi kwaShembe
Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Jabulani Mjeyi:
CACISA ukuthi kuliphi ibandla, eBuhleni, eThembezinhle, eKuphakameni.
Themba Zuluthini Mdletshe:
UMUNTU ongashiya kwaShembe angaya kuphi kodwa?
Nkosi Mbambo Mbambo:
BASHIYA kanjani eZulwini, kukhona uNkulunkulu?
Kusho ukuthi sebeshomene noSathane labo.
Jabu Nzama:
UMA ningafunda ukuzithulela nje, nani njengamakholwa niyeke ukuphendulana nayo yonke into esemaphepheni, ngoba niyazi ukuthi yiyona nkonzo le ehlala isemaphepheni.
Ake nidle u-shut up, nikhuleke. Yiwona umsebenzi wekholwa ukulwa ngomthandazo, hhayi le yenu yesipepe.
Nqobile Zondi:
ENGABE bafudukela kuphi? Mhlawumbe iZion. Bazoke badle nezoso ezishisayo ngoMgqibelo. Babize noMgqibelo ngoMgqibelo. Bageze ngamanzi afudumele. Bayeke nokukhotha uVaseline.
Themba Msiya:
THEMBEZINHLE, hhayi eBuhleni njengoba usuthi "kwaShembe", ungacacisi ngoba ufuna kuthengwe leli phephandaba.
Khumbulani Dube:
ANOQALE nithole ukuthi kukhulunywa ngaluphi uhlangothi ukuze nizokhuluma into eniyaziyo, njengoba kukhulunywa ngoShembe, wonke amehlo athe njo eBuhleni, kanti mhlampe kukulezi ezinye izinhlangothi.
Thenjiwe Ka Mamzimela Ngcobo:
CACISA ngoba kukhona eBuhleni, eKuphakameni neThembezinhle.
Nkosingiphile KamaVilakazi Chamane:
SHUTHI imali abasayitholi kahle. 🤣🤣🤣🤣
Zamasompisi Ndlela Zamasompisi:
ABASANIKELI yini abazalwane?
Ngulube Malinga:
OKUSHO ukuthi sebayabona ukuthi kayikho le nto.
Phela le nto yakwaShembe iyinganekwane.
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
BABANGA imali labo.
Sbusiso Hadebe:
Bashiya izwi lenkosi?
Manzini Waterson:
LEZO zinkinga yimali. 😁😁😁
Mbejembeje Mbeje:
MABAHLALE emakhaya, bangezi oNyazini ngoba bazohlupha.
Russell A Lonathemba:
AWUYEKE ibandla labantu.
Mhlephethwe Xulu:
NIBAGADE bangabuyeli eBuhleni labo xovizwe baseThembezinhle. Bahlupha kakhulu labo.