14 | Izindaba
Friday, 02 OctoberΒ 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Isililo ngegoso elibhubhe namagidangoma engozini:
Smamiso Kwesaba:
Hhawu! Ingane kamalume kuyiyona yodwa. Awu kodwa Mnguni kanjena pho?
Mihla Mntunga:
Kunzima emhlabeni, kazi soneni? ππππ
Sphesihle Zulu:
Cha ubeyigagu uThustabani, ngisho la eMpumalanga besimazi bakithi.ππ
Ntombfuthi Msomii:Β
Yoooh nkosi yami Thixo, kwaze kwabuhlungu! Sengathi bangalala ngokuthula.ππ
Uhm Kuander Isbatshazwa SakoGengwayo:
Le ngozi isethusile kakhulu siyizakhamizi, kuvele kubande amathumbu.
Zandile Masondo:
Mhh kubuhlungu. Kanti lo Nkulunkulu esimkhonzayo, esithi ukhona, usuke eseyephi?
Yisono abantu beshona bekhala. ππππππππ
Bongi Mbatha:
UNkulunkulu aqinise umndeni, aqinise isizwe sonke asipholise amanxebaΒ avulekile, asule izinyembezi.
Mjabs Bizz:
Imindeni sicela iduduzeke ngalesi sikhathi.
Muzi Zulu:
Ngendlela enesidina ngayo ingelosi yobumnyama, ayikhethi, iyenza nje futhi kayinazwelo
Zodwa Gumbi:
Isizwe saseMdletsheni sisemanzini, 13 wonke wezinsizwa. Umkhuleko siyawudinga.ππ’
Mazwide Nxumalo Maka Asih:
Kodwa Nkosi senzeni, sekwanele. πππ
Mabhebhe Manyelela:
Kwaze kwabuhlungu ngomkhaya wami bakithi. Ubefunda eCwakeme High School.
Nqobile Nqobza:
Umndeni mawuphephise nkosi. Yeyi uyabona lena yokusha komuntu! ππ
Mankosi Ongancethezi:
Oh nkosi sikhulekela imindeni ekulesi simo, uShembe aze abakhumbule. Kubuhlungu, kuyezwela. ππππ
Londiwe Mdletshe:
Ubunkunzi bakho kabusoze bafaniswa nobomunye. Ubuyenza into yakho, lala uphumule 2stabani classmate wami. Angikakholwa. πππππππ
Londy Londeka:
Ayikhulumeki lena. π