14 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: 'UJesu' ubona iChiefs izomelana neDowns. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Cya Mthembu:
KOBE owaseShowe-ke lo Jesu okukhulunywa ngaye, ngoba owangempela ziningi kakhulu izinto ezimdingayo emhlabeni wonke jikelele.
Flow K Savage:
AKUMELE kushone ilanga singakhulumanga ngeChiefs.
Syabonga Jali:
YINDABA endala leyo, kuNedbank Cup sabenza njalo.
Mvuselelo Vusumuzi:
KODWA nidlalelani ngeNkosi uJesu?
Bonginkosi Sifiso Mbonambi:
USEBONENI washo kanje? 😂
Mthoko Bhebhe:
UJESU waphi lowo ohuqa insangu?
Thakasile Mahlobo KwaMngani:
MVUSENI uJesu uyaphupha
Phungashe Sbu:
UJESU wakwaTemu.