14 | Izindaba

Friday, 18 July  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Owesifazane uqolwe u-R87 000 yinceku ebihlala kwakhe:

Image

01


Mami Shelembe:

 SIYAMBONGELA bo. Okwenceku, kade sasiyikhuluma le nto yabefu-ndisi bangaphandle, kuthiwe sinosathane. Sethemba ukuthi uJesus umbonile ngesikhathi esequlekile.

02


Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:

KUSHO ukuthi ubejola nayo leyo nceku. Yaze ngani ukuthi unesamba semali engaka?

03


Bishop Bheki Buthelezi:

 BATHI yinceku? Yingane nje le ekwi-worship team. Sebengcolisa abefundisi nje. Yingane abebe-hlala nayo, eyehlulwa yisikole.

04


Siza Ntombi KaMasenginja Zuma:

YINCEKU eyisigebengu, ecashe ngezwi lenkosi.

05


Max Gumede:

NABO abantu besifazane bangothathekile. Aze ahlale nayo inceku?

06


Bishop Bheki Buthelezi:

NGILITHENGILE leli phepha. Yingane le eyayeka isikole bayigona, yase ibagila.

07


Mdladla Dumisani:

YINCEKU eyisigebengu.

08


Love Bou Vets:

 YINCEKU noma ngutsotsi??

09


Zama Mngadi:

BAZE kanjani kuthi unemali?

10


Skhumbuzo M'fesi Ngema:

 EWU! Isamba esingaka!

11


Scelo Xaba:

 AWU bakithi! 💔


0