Izindaba | 14

Friday, 13 June 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Usomatekisi ubopha uJenene uMkhwanazi. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

NGUMNU Thomas Getsemane ongusomabhizinisi, okhala ngokuhlukunyezwa ngamaphoyisa.

01


Mlungisi Mhlanga:
KUPHELILE ukuchanasa eKZN, ufikile uGeneral Mkhwanazi. 🙌.....

02


Philile Plasma Goge:

MANINI wooo! Ningayisheshisi khona sizoyizwa kahle sonke....Nithi uGetsemane ubopha uMkhwanazi ngoba yini????


03


S'hlobo Sami:

KODWA uGetshemane inkulumo yakhe ibe nehaba, ayifananga nekaBoy Zondi abenaye kwenzeka konke lokhuya. Nokho usindile yena. Ngingasho nje ukuthi ukube akaphuthumanga waya kuMkhwanazi, bese kubhedile.

04


Sihle Nxumalo:

NGOBA efuna ukwephula umthetho ngenkani? Akame kancane yena yize ngingasazi isitori sosomatekisi, kodwa ngithi gede indaba yakhe.

05


Simphiwe Zakhele Nzimande:

KUYONISIZA ukuthi nisebenzise amagama anjengo-alleged, allegedly uma nikhuluma nge- tripple G yaseKZN, Getsemane, Gcaba, Gumede. Kodwa uG omkhulu yilo weGeneral salute.

06


Wellington Mshibe:

KUMELE uMkhwanazi azi ukuthi izwe leli line-constitution., Le nto yokubulawa kwabantu ngamaphoyisa, kumele baboshwe.

07


Ntokozo Wiseman:

LE nto iyezwakala nje ukuthi bambophela amanqina enyathi. OMkhwanazi bafuna ukuxhapha-za abantu ngenkani ngoba bene- mali.

08


Bonisile Thungo Nondumiso Osindisiwe:

UYAYAZI inganekwane!  Kusho ukuthi ufuna ukususa inkinga endleleni yakhe yemali.

09


Mzakes Nyanganduna:

UMKHWANAZI ufana noShaka, ujaha wonke umuntu.

10


Maria Hlophe Thumbeza Thumbeza:

HHAYI cha ngiyamvuma ubaba uMkhwanazi, uyathandwa shame.

11


Cza Nophelo LaDlams Kani:

SAWUBONA wekukhuluma!

0