14 | Izindaba

Friday, 28  November  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Amakhosi afuna lufakelwe izibuko udaba lwelobolo, baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook:

Image

AMAKHOSI akhala ngokuthi ilobolo abanye sebelisebenzisa ukuzicebisa, kanti endulo imindeni eganiselanayo, yayakha ubuhlobo ngalo

01


Mzoh E Msomi:

Akudingeki nochwepheshe la. Ukukhulisa ingane yentombazane kuwumsebenzi womzali. Abantu mabangenzi sengathi bayikhulisa ngesikweletu esizokhokhwa ngumfana.

02


Bonginkosi Njabzito Ndlovu:

Aayy. Ake basheshise bo, kunzima ngempela yazi!😔

03


Chris Nzimande:

Kuzolokhu kuxoxwa kanje.  Ngeke kusalunga lutho. Yinto engeke isalunga lena. Ifana nemingcwabo yanamuhla, ngeke isefana neyakuqala.

04


Cebolenkosi Sizwe S'biya:

Asibonge kuleyo ndawo. Abafazi thina sobathola ngo-10k. 🤭🤭😂😂

05


Musa Sothondose:

KUSHO ukuthi ngoba bese ngilubekile usuku lokuyovela, ake ngiluhlehlise kancane, silinde imiphumela yocwaningo.

06


Mzukulu Kamziki:

Bayede! Ake zibuyele emasisweni. Omithise ingane yomuntu ayithathe ayilobole ibe ngumfazi, iqhubeke izale izingane zabo.
Ingaphela le nto yezingane ezikhulela phansi kwamabhuloho. Uma umuntu engondli, makayiswe enkantolo yesintu. 

07


Mshuki Ngcobo:

Ngoba sesakhokha thina yila bekucabanga lokho?
Kuyadlalwa ngathi.

08


Ntandoyenkosi Mkhize:

Limba eqolo impela lona ilobolo.  Bekunganjani umuntu akhiphe anakho? 🤔

09


Mabutho Petros Mpana:

Ilobolo yinto ethinta imindeni emibili eganiselanayo, hhayi amakhosi.

10


Khoza Khoza:

Abazali bayaxaka ngoba lezi zingane zizalela emakhaya, kuyefana nje. Awehliswe impela amalobolo.

11


Bonginkosi Dlamini:

Liyabiza ngempela ilobolo.

12


Muzi Mkhwanazi:

Naze nayicabanga into enomqondo. Siyonga kakhulu, vele sebeyasihlupha.

13


Thami Dube:

Ngeke bayivume-ke lena omama. 🤔

14


Thabani Mkhombo:

Bese ngithi ngiyolobola, awuthi ngime kancane. 🤣

15


Sipho Mhlongo:

Yingakho nemishado ingasekho nje. Liyabiza ilobolo.

16


Siphephelo Khwenyana Mkhwanazi:

Ngokwazi kwami, ilobolo kalisiyo impoqo. Umuntu ongalifuni ilobolo makaganise ingane yakhe mahhala.
Ofakazi bakaJehova bayakwenza lokho.

17


Bhekinhlanhla Mdletshe:

Cha lona liyadula ngempela, kwakungenjena ngezikhathi zethu.


0