14 | Izindaba
Friday, 26 September 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA Lempelasonto oluthi:
Amabhomu kaJenene uMkhwanazi agadla ephindelela kosopolitiki
NGUMKHUZI wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.
Ntobeko Mhlanti:
Phezu kwabo Mkhwanazi!
Mogadishu Thula Mogadi:
Kuzonuka umnsinsila kuyona yonke indawo...
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
Hhayi kunzima, kodwa-ke sicela kuMdali amvikele uMkhwanazi. Bakhohlakele osopolitiki.
Sphelele Mzulwini:
Njengoba silungisa iCountry nje, uMkhwanazi yilungu eliqavile. Sinaye kuze kufike ekugcineni, asilwi, sithi nje... onecala makakhale ezikhindini🙏
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Kusindwa nongathwele, kukhona asebefisa kuvuleke umhlaba, ubamboze.
Sbongiseni Gcina Ndebele:
Ziyakhala manje. Abantu bayahlupheka, bona badlala ngabo. Bayazi ukuthi bayakhwabanisa, baphinde bayabulalana ogombela kwesabo.
Khetho Ntanzi Fakazi Oyaya:
Dubula Ndonga ku-late.
Isgaxaskabhatata Irvine Thulane Msimango:
Usekhulumile ngoMbalula?
Mathwala Langa:
Saze samthola umphathi siyizwe, kunini kwasa kudlalwa ngathi. HAWU!
Thembalethu Mkhize:
Akusiwo amabhomu lawa hawu. Imicibisholo ekhafula umlilo le - iNukes ngesilungu.
Pat KaPitshiza Zungu:
Izogadla nakuZuma, nansi iMK Party ivimba.
Aya Ayo:
Bazomakhela itulo manje uMkhwanazi.
Mazet Maduna:
Ukhuphuka nabo.
Irasta LaseNzala:
Ilokhu igadle njalo iRussia ewuMkhwanazi.