13ย | Izindabaย 

Friday, 14ย  November 2025

Sonke sineqhaza okumele silibambe ukwehlisa izingozi zomgwaqo


Uma "uhlanya" lufaka imoto yalo ngenkani, luyeke, okumqoka wukufika ekhaya uphephile...

Ishaye Izule no: Mthokozisi Dlomo

Image

SESISEMOME isikhathi samaholide, abantu abaningi sebeqalile ukulungiselela uhambo lwabo beya emakhaya. Okubi ngalesi sikhathi wukuthi sihambisana nezingozi zomgwaqo ezinyantisa igazi, ezidlula nemiphefumulo eminingi.

Ekuqaleni kwalo nyaka, uNgqongqoshe wezokuThutha uNkk Barbara Creecy, umemezele ukuthi izingozi zemigwaqo ngamaholide kaNcibijane nyakenye zidlule nemiphefumulo ewu-1 502, okuyisibalo esenyuke ngo-5.3% kwesangonyaka ongaphambili.

Image

Ngokusho kwe-Automobile Association of South Africa (AA), babalelwa ku-14 000 abantu abafayo ngenxa yezingozi zomgwaqo kuleli njalo ngonyaka.

Ngokusho kukangqongqoshe, iKwaZulu-Natal yiyona ebe nesibalo esiphezulu sezingozi ezibikiwe njengoba kubikwe eziwu-247, kwafa abantu abawu-304. Kulandele iGauteng ngezingozi eziwu-224 (kwafa 235), ne-Eastern Cape lapho khona zibe wu-168 (kwafa 231).

Njalo ngasekuqaleni kukaDisemba, uMnyango wezokuThutha uvame ukuqhuba umkhakhanso ohlose ngawo ukushintsha indlela abantu abaziphatha ngayo emigwaqweni, njengoba kuthiwa izingozi eziningi zidalwa ngamaphutha abashayeli.

Izinto eziwu-8 ezihlonzwa njengezidala izingozi kakhulu emigwaqweni

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Ukuphazamiseka:ย Ukuphazamiseka uma usemgwaqweni ngenye yezinto ezidala izingozi. Ukuphazamiseka kungabandakanya izinto ezejwayelekile, njengokusebenzisa iselula, ukudla nokuziphaqula (make-up). Kuthiwa ukushayela ube ucofa ifoni kuwenyusa ngo-23% amathuba okuba sengozini.

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Uphuzo oludakayo:ย Ngokomthetho wezwe, isikalo sotshwala egazini lakho kumele sibe wu-0.05% noma ngaphansi, ukuze uvumeleke ukushayela. Kwabanye abantu, lesi sikali singeqa ngisho nangesiphuzo esisodwa.

Image

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Isivinini eseqile:ย Ukugijima ngesivinini eseqile kwenyusa amathuba okushayisa ngoba uma imoto isigalawela, idinga isikhathi esithe xaxa ukuma. Ngokusho kwe-Arrive Alive, imoto ehamba ngo-80km/h inamathuba awu-20% okushayisa uma kuqhathaniswa nemoto ehamba ngo-31km/h.

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Ukushayela budlabha:ย Ukushayela budlabha kungabandakanya ukusika (overtaking) endaweni engaphephile, ukungami ngendlela lapho kunezimpawu eziyalela lokho, noma emarobhothini, nokushintsha umzila esiminyaminyeni. Akubuzwa-ke ukuthi kungani ukuziphatha okunje kuyanyaniswa nezibalo eziphezulu zezingozi zomgwaqo.

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Ukuwela umgwaqo kungafanele:ย Abantu abahamba ngezinyawo nabo banesandla ezingozini. Ukuwela lapho kungafanele khona kungadala izingozi uma abashayeli bezimoto sebezama ukukuvika. Ngokwezibalo, ebantwini abathathu abafa ezingozini zemigwaqo, oyedwa wabo ngumuntu ohamba ngezinyawo.

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Isimo sezulu:ย Isimo sezulu, ikakhulukazi imvula nenkungu, kunesandla kulezi zibalo zezingozi emigwaqweni ngoba kwenza abashayeli bangaboni kahle emgwaqweni. Imvula enamandla ingenza kube namanzi emgwaqweni, imoto ingabe isalawuleka.

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Imigwaqo engekho isimweni esihle:ย I-AA ike yakhipha umbiko othi, uma yonke imigwaqo yakuleli ingaba sesimweni esikahle, isibalo sezingozi zomgwaqo singehla ngo-05%. Imigodi emigwaqweni, ukuklayeka kwayo kunomthelela ekudalekeni kwezingozi.

๐Ÿ‘‰๐Ÿพ Izimoto ezingekho esimweni:ย Izimoto ezinganakekelwa ngendlela zidala izingozi uma kufeyila ama-brake noma kuqhuma amathayi. Ezinye izinto ezingabeka impilo yabantu engcupheni wukungabi khona kwezibuko zasemaceleni, ukungasebenzi kwamalambu,
ama-indicator, nama-wiper, kanjalo nezimoto ezinesibuko sangaphambili esinofa (crack).

Okumele ukuqikelele

โœ”๏ธ Qiniseka ukuthi wena mshayeli noma umshayeli wemoto ohamba ngayo akaphuzile. Gwema ngisho ubhiya owodwa;
โœ”๏ธ Suka kusenesikhathi ukuze ungazitholi sewugijima ukubamba isikhathi;
โœ”๏ธ Qikelela ukuthi umoto ohamba ngayo isesimweni futhi kayilayishile ngokweqile;
โœ”๏ธ Uma uhamba ngezinyawo, wela lapho kuwelwa khona;
โœ”๏ธ Shayela ngokucophelela, ugweme izinto ezingakuphazamisa;
โœ”๏ธ Uma uhamba indlela ende, zinike isikhathi sokuphuluma, wehle welule izinyawo;
โœ”๏ธ Hamba kusakhanya, gwema ukuhamba ebusuku uma ikhona indlela;
โœ”๏ธ Bheka isimo sezulu lapho uzohamba khona, wehlise isivinini, wexwayise nabanye abashayeli uma kungabonakali kahle phambi kwakho.

Wonke umuntu uneqhaza okumele alibambe uma sifuna ukwehlisa isibalo sezingozi ezweni. Noma kungathiwa ungumgibeli, unelungelo lokwenqaba ukuhamba ngesithuthi esingekho esimweni.

Kubashayeli, uyafa engozini yomgwaqo ngisho ungenzanga lutho olungalungile. Yiba nenhliziyo ende, ungadinwa kalula. Uma "uhlanya" lufaka imoto ngenkani, luyeke. Okumqoka wukufinyelela emakhaya siphephile.

0