Izindaba | 13

Friday, 23 May 2025

Liphinde lashayeka iphakethe kubathengi 
ngo-Ephreli

Intengo kagwayi yiyo enyuke kakhudlwana...

Okuhle wukuthi kunethemba manje ngamandla emali uma kuqhathaniswa nesikhathi esingemuva kokubheduka kokhuvethe...

Image

Bheki Ndlovana

INKINGA yokwehla kwamandla emali iyaqhubeka njengoba izibalo zikhomba ukuthi liphinde lashayeka iphakethe kubathengi ngo-Ephreli nonyaka.

Umbiko wakamuva weStats SA owethulwe nguMnu Risenga Maluleke oyiStatistician General, uveza ukuthi amandla emali ehle ngo-0,3% ngo-Ephreli  uma kuqhathaniswa nangoMashi kuwo lo nyaka.

Ngokwezibalo zocwaningo, izinga lokwehla kwemali liqonge lafinyelela ku-2,8% kanti ngoMashi lalikade liku-2,7%.

Image

IStats SA ibika ukuthi izinto ezibe nomthelela omkhulu kulokhu kwehla kwamandla emali, wukwenyuka kwezindleko zezindlu (housing and utilities); bese kuba wukwenyuka kwentengo yokudla neziphuzo ezingenatshwala; wukwenyuka kwentengo katshwala nogwayi; kanye nokwenyuka kwezindleko zokudla ema-restaurant  nezindleko zasezindaweni zokuphumula izivakashi (accomodation services).

* Intengo yokudla: Phakathi kwezinhlobo zokudla okwenyuke yintengo yakho, yinyama enyuke
ngo-0,2% ngo-Ephreli uma kuqhathaniswa nangoMashi; intengo yemikhiqizo yama-cereal okubikwa ukuthi yenyuke ngo-0,3%; kube yintengo yobisi neminye imikhiqizo yobisi  namaqanda eyenyuke ngo-0,2%.

Image

Ishaye kwezwela kubathengi eyamandla emali njengoba kuvela ukuthi ama-cereal nobisi ngezinye zezinto ezikhuphukile. 

Umbiko uveza ukuthi intengo yama-vegetable yenyuke kakhulu ngo-4,7%.

Ngakolunye uhlangothi intengo kafishi nezinye izinhlobo zokudla kwasolwandle yehle ngo-0,1% ngo-Ephreli, uma kuqhathaniswa nangoMashi.

 Intengo yezithelo namantongomane kuvela ukuthi yona yehle ngo-2,1%.
* Intengo katshwala nogwayi: Ngokombiko, kuvela ukuthi intengo kagologo yenyuke ngo-0,6%; kuthi intengo yamawayini yenyuka ngo-1,0%, kanti ekabhiya yenyuke ngo-0,8%.

Intengo kagwayi yona kuvela ukuthi yenyuke kakhudlwana ngo-2,6%.

* Intengo yezingubo zokugqoka nezicathulo: IStats SA ibika ukuthi ngo-Ephreli intengo yezingubo zokugqoka yenyuke ngo-1,0% kanti intengo yezicathulo yona yenyuke ngo-0,2%.

Nakuba abathengi abaningi besakhala ngokubiza kwezimpahla namasevisi, kodwa izinga lamandla emali lingcono kakhulu manje uma kuqhathaniswa nakule minyaka embalwa edlule, ikakhulukazi emuva kokubheduka kweCovid-19. bhekin@ilanganews.co.za

0