13 | Izindaba
Friday, 12 December 2025
Izingozi eziningi zenzeka ngezimpelasonto, phakathi kuka-4 ntambama no-10 ebusuku
Ibambe Mrey: noMthokozisi Dlomo
KULINDELEKE ukuthi sande kakhulu isibalo sezimoto emigwaqweni emikhulu yaKwaZulu-Natal, kusukela ngesonto elizayo njengoba abantu bevala emisebenzini, bezobhekisa amabombo emakhaya, abanye beyongcebeleka kulesi sifundazwe sethu esigudle ulwandle.
Lesi yisikhathi esimatasa kakhulu emigwaqweni, ezifundazweni ezisogwini okubalwa kuzona iKZN,
i-Eastern Cape neWestern Cape.
Kubashayeli bezimoto, lesi sikhathi sibiza ukuthi bacophelele kakhulu kunakuqala.
Nyakenye iSouth African Journal of Science, yenze ucwaningo ngezibalo zeminyaka edlule, ezithinta izingozi zomgwaqo kuleli.
Kule ngosi yaleli sonto sizogxila kulawa maphuzu alandelayo:
✔️ Inyanga kaDisemba yiyona okwenzeka ngayo izingozi eziningi ezidlula nemiphefumulo yabantu ezweni. Ziningi izibalo ezibalulwayo njengabo ubuningi bomthamo wezimoto emigwaqweni ethile, ukujaha kwabantu ukufinyelela lapho beya khona, nenjabulo kwabaningi, ehambisana nophuzo oludakayo.
✔️ Kuthiwa u-60% wezingozi ezidlula nemiphefumulo, wenzeka ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo nangeSonto.
- Kuvela nokuthi iningi lalezi zingozi lenzeka phakathi kuka-16h00 ntambama no-22h00 ebusuku.
Kulabo abasazosebenzisa umgwaqo uN3, ohlanganisa iGoli neTheku, kumele bacophelele kakhulu kunakuqala, ikakhulu uma ubheka ukuphawula kweN3 Toll Concessions (N3TC), ebhekelele ukusebenza kwalo mgwaqo.
Le nhlangano ebhekelele ukusebenza kwalo mgwaqo iveze ukuthi u-53% wezingozi kuba ngezibandakanya imoto eyodwa.
Imoto iyaziphumela emgwaqweni, iphenduke noma ishayise okuthile okungaphandle kogwaqo.
Ukuphumula uma ushayela, ukugwema ukuphazamiseka, ukuhlonipha imithetho yomgwaqo nokuqikelela ukuthi imoto ohamba ngayo isesimweni, kungasiza ukunciphisa isibalo sezingozi ezifana nalezi.
Ingozi akuyona into ongaba nesiqiniseko sokuthi ngeke uhlangabezane nayo, kodwa ngokocwaningo olubalulwe ngenhla, ukuhlela uhambo lwakho ngezikhathi ezithile kungenza uhambo lwakho lube ngcono.
Make ngenze isibonelo ngomuntu osuka eThekwini olibangise enyakatho yesifundazwe noma
ko-Eastern Cape; kungamsiza ukuhamba kahle ekuseni, afike lapho eya khona ngezikhathi zasemini. Uma wenza izinhlelo zokuhamba, zenze kube yizikhathi zasemini, okuzokusiza noma uvelelwa yizinto ezifana nokuqhuma kwethayi, uthole usizo kusakhanya.
Ngisho nasemigwaqweni yangaphakathi emalokishini, izikhathi zakusihlwa ngezimpelasonto zihambisana nezinselelo eziningi. Baningi abantu abashayela budlabha, iningi labo ngenxa yezimbiza zikaFaro.
Empeleni indaba katshwala seyangena yagxila kubantu bakuleli, ikakhulu abansundu. Ngeke ubasole abantu ngenxa yezinto esidlula kuzona nsuku zonke, nobunzima bempilo.
Isikhathi sikaDisemba sithathwa njengesokupholisa ikhanda ngemuva kokusebenza kanzima unyaka wonke. Angazi yini eyoze yenziwe ukuze abashayeli baziphathe kahle emgwaqweni, kodwa labo abasenawo unembeza, masikwenze lokhu okuncane esingakwenza ukusiza ukugwema izingozi ezingagwemeka.
Masifike siphephile lapho siya khona, sibuye siphephile uma sesibuyela emuva.
#Ukuthula makwande!