13 | Izindaba 

Friday, 17 July 2026

Ishaye izule: Zandile Tembe

Izothile, futhi inamandla  iVolvo XC60

Image

UKUZOTHA namandla ayo enza kube lula ukushayela nakuba ingalithathi kangako iso.
I-Volvo XC60 ayandile ngokuheha iso, kodwa lapho uyishayela, uyayizwa ukuthi ihlose ukuba umshayeli anethezeke.

Okumnandi nge-XC60, wukuthi ihambelana nanoma yiluphi uhlobo lwempilo. Iyakwazi ukumelana nemigwaqo yasemadolobheni nanoma ukusiphi isimo. Uma uzothatha uhambo olude, wubuthebelele bodwa.

I-XC60 ihamba ngogesi oshajwa ngokuyixhuma eplakini (Plug-in Hybrid), ewuhlobo lwe-T8, ehlanganise injini kaphethiloli engamalitha awu-2.0 turbo, enamandla athe xaxa e-battery kagesi, uma uyiqhathanisa ne-B5 Mild Hybrid.

Okumnandi ngayo wukuthi uyakwazi nokushaja eplakini yasekhaya nakunoma yiliphi igalaji eshajisa ngogesi.

Lolu hlobo lwe-hybrid, ukwazi ukuhamba ibanga elide ngogesi wodwa okukongela uphethiloli. Ngenhlanganyela kagesi nophethiloli uthola 335 kW (455 hp) no-709 Nm we-torque.

Kuyithatha amasekhondi awu-4.9 kuphela ukusuka ku-0 kuya ku-100km, okuyenza ibe ngamanye yama-SUV kulo mkhakha anesivinini kunawo wonke.

Image

Le Volvo ingeyabantu ababeka intokomalo eqhulwini

Nakuba inejubane elinamandla, ngeke uyizwe ibubula noma ibanga imisinjwana kusukela kuthelawayeka we-M4 kuya ku-N2.

Nasemigwaqweni emincane ngaphakathi, i-XC60 iyakwazi ukuhambisana naso sonke isimo somgwaqo.

Iyancomeka kakhulu i-8 speed automatic yamagiya ayo ngoba akuzwakali lapho isizishintsha, okwenza kuhambisane nesitayela sesizotha namandla ezimoto zakwa-Volvo.

Kuveza khona ukuthi i-Volvo ngeyalabo ababeka intokomalo eqhulwini.

Ukwakheka kwe-XC60 nakuba kusezingeni eliphezulu, kodwa akuwadonsi kangako amehlo okwenza kwamukeleke ukubonakala ngayo emgwaqweni nsuku zonke ngaphandle kokubonwa njengomuntu ophakeme.

Akuzwakali lapho isizishintsha

Image

I-steering sayo silula, okwenza kube lula lapho ushayela ezindaweni eziminyene noma upaka ezindaweni ezincane. Nekhamera yayo ewu-360, yenza kube lula.

Edlisa ngakho kakhulu i-XC60 yindlela ozizwa ngayo lapho uyishayela, uzibona uyilento ephezulu ekhekheni. I-XC60 iyakwazi nokumelana nemigwaqo enemigodi nengemihle ngenxa ye-suspension yayo ebamba kahle.

Image

Ingaphakathi layo lakhiwe ngesikhumba sohlobo oluphambili, lathungelwa kahle, lwahlanganiswa ngobuchule nepulangwe lohlobo oluphambili, lathintwa kancane nge-aluminium.

Konke uyakubona ukuthi kwenziwe ngezinga eliphezulu nobunyoninco. Izihlalo zayo ziyakufudumeza, zibuye zikhiphe umoya opholile, ziphinde zikuwotawote okwenza ungaluzwa nohambo lwakho olude.
Nesikhala ngemuva sikhulu, wonke umuntu uhlala akhululeke.

Image

I-Volvo XC60 ibiza kusukela ku-R1,058,400 kwi-B5 AWD Core Bright, bese i-T8 Plug-in Hybrid Ultra Dark yona iwu-R1,500,700. 

Iza newaranti yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha awu-100,000, i-service plan yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha awu-100,000, nosizo lwasemgwaqweni (roadside assistance) yeminyaka emihlanu, iwaranti ye-battery iyiminyaka ewu-8 noma amakhilomitha awu-60,000.

Ongeke ukuthakasele ngayo wukuthi isikhala ebhuthini sidliwa yi-battery ye-plug-in hybrid.

Uma ungajwayele ukuchofoza njalo uzoba nenkinga ngoba konke okwenza emotweni kukwi-screen sayo, ayinazo izihlalo eziwu-7 njengamanye ama-SUV, futhi ayinalo isondo lesipele.

0