13 | Izindaba
Friday, 24 July 2026
Ishay' izule no: Zandile Tembe
I-Renault Captur izongena emkhakheni wezimoto
ezingama-SUV ngenxa yesakhiwo sayo
IZOTHATHA indawo ye-Clio iRenault Captur egabe ngokuvuleka nesivinini sayo esingawudli kakhulu uphethiloli. Bengingakulindele ukuthi iRenault Captur izongena emkhakheni wezimoto ezingama-SUV ngenxa yesakhiwo sayo.
Ngikuqondile lokhu uma sengingaphakathi nalapho ngibona indlela evuleke ngayo, nangendlela ekudonsa ngayo lapho unyathela amafutha.
Ngingacishe ngiqagele ngokuthi iCaptur iyindlela abakwaRenault abakhombisa ukuqonda ukukhula nokuguquka kwezidingo zomshayeli wabo osanothando lwe-Clio.
I-Captur yona ithe ukuphakama, kanti inamandla azwakalayo njengoba injini yayo ingamalitha awu-1.3 we-turbocharged oqhulula 113 kW no-270 Nm we-torque, injalo nje iza namagiya awu-7 omshini ozishintshayo.
Uyawuzwa umlilo lapho uyinyathela ngamandla nalapho ushintsha umzila kuthelawayeka nemigwaqo emincane ukuthi i-gearbox yayo isetshenziwe.
I-steering sayo silula, kanti uzipakela kalula njengoba yanela nasezikhaleni ezincane.
Kuningi okuthe thuthu njengamalambu ayi-LED
Uma uyiqhathanisa naleyo ezothatha indawo yayo, kuningi okuthe thuthu njengamalambu ayo ayi-LED, nekhala layo elikhombisa kahle uphawu lwakwa-Renault olusha.
Okumnandi futhi wukuthi amalambu ayo ayazishintsha ukuze ahambisane nesikhathi sosuku, asikho isidingo sokulokhu uyisetha wena.
Amathayi ayo nawo athathe kakhulu izinsizwa njengoba ewu-19-inch, kwi-Esprit Alpine. Konke lokhu kuyenza ithi iyi-SUV, kodwa ibe ibukeka njengohlobo lwe-sport futhi.
Ingaphakathi layo yilo elizothatha abaningi njengoba line-touchscreen ewu-10.4-inch ne-wireless ezixhumekela ngobuchwepheshe be-Apple CarPlay ne-Android.
Siphinde sibe ne-OpenR okwazi ukufaka kuyo i-Google Maps ne-Google Assistant, kanti uyakwazi nokushaja ngaphandle kokuxhuma ikhebuli. Ingenye yezimoto ezimbalwa, engizibone zishaja masinya.
Ibhuthi layo likunika amalitha awu-616 uma usondeza izitulo zangemuva.
Nakhu okungishayise amakhala nge-Captur, inani layo lika-R515,000, liphezulu kakhulu ngokwesigaba ekuso, lokhu kuyenza iyoncintisana nezimoto ezingaphezulu kwayo nezingama-SUV ngokuphelele.
I-Esprit Alpine Captur, yona iwu-R614,999, kanti zonke izimoto zakhona zihamba ngophethiloli kuphela, okwenza ingancintisani kahle nohlobo oluza nogesi.
Uma ubheka izimoto zakwa-Renault futhi uyithanda imikhiqizo yabo, ngingathi iCaptur ingezinye ezingungqaphambili.
Lokhu kungenxa yokuthi ihlanganise isitayela esisezingeni sakwa-Renault, kanti nakuba injini iyi-turbo kayiwuminyi uphethiloli.
Uma imoto uyisebenzisela izindlela zansuku zonke njengokuya emsebenzini, ezitolo, ulanda abantwana esikoleni nezindlela ezingatheni zempelasonto, ingakusebenzela.
Izoncintisana nezimoto ezifana namaToyota Corolla Cross, iVolkswagen T-Roc, iHyundai Kona, iPeugeot 2008, nohlobo lwalezi ezintsha zaseShayina.