13 | Izindaba

Friday, 01 May 2026

Ishay' Izule:                noZandile Tembe
Image

Izokhethwa ngabagada iphakethe elizobanika umvuzo wesikhathi iSuzuki Across Hybrid


Kayihlabi umxhwele indlela enswininiza ngayo uma ihlehla

IZOKHETHWA ngabathatha izinqumo ezinqala, futhi bagade iphakethe elizobanika umvuzo wesikhathi iSuzuki Across Hybrid.

Le moto ihlanganise ubunjiniyela obuthenjwayo bakwaToyota, bese ihluka ngenani elingaphansi uma usuziqhathanisa.

Uzozibuza ukuthi kusho ukuthini lokhu. Mangivume ukuthi nami kuthathe isikhathi ukungena emqondweni ukuthi ngishayela imoto yakwaSuzuki, kangangoba ngike ngazithola sengibuyela esitolo ngiyocela bangitholele umuntu engithathe ukhiye wakhe ngephutha.

Lokhu kungenxa yokuthi kuncane okuzokwenza ucabange ukuthi i-Across ingeyakwaSuzuki - mhlawumbe kwasona isikhiye - noma usubona uphawu lwayo, ngoba kusukela esakhiweni sayo kuya kwimixhantela ethile, konke kubiza u-Toyota.

Okwenziwe ngabakwaSuzuki nabakwaToyota ngesikubona kungenisile kakhulu lapho abakhiqizi bezimoto bengena ezivumelwaneni zokusebenzisana.

Image

Uma nje ucabanga imoto i-RAV4, cishe ne-Toyota Cross Hybrid, uzobona ukuthi yiliphi iqhinga abahlanganyele ngalo laba bakhiqizi.

I-Across ididiyele ubuchule be-hybrid obuhluke ngezinga, nenani ngenxa yokusetshenziswa kwezinhlaka zakwaSuzuki ezingabizi kakhulu.

Uyakhululeka engqondweni ngoba uyazi ukuthi ubuchule bakwaToyota buneminyaka, buyathenjwa kanti iphinde ibe wuhlobo lwe-SUV oludingwa ngabaningi.

I-Across ihamba futhi isebenza kahle ngenxa yokuthi ikunika cishe u-100km ngo-4.7 kuya ku-4.8 wamalitha kaphethiloli.

Ukuhamba kwayo ngogesi nophethiloli kuzothakaselwa ngabaningi. Ngogesi wayo, ungahamba cishe u-70km uma uyishajile.

Image

Lokhu kusho ukuthi umuntu osebenza eduze noma ongahambi amabanga amade, uyawonga kakhulu uphethiloli.

Ine-ADAS, okusho ukuthi uthola okuthe xaxa kwezokuphepha, okufana nokwehlisa ijubane lapho ubona ukuthi ususondelene kakhulu nemoto oyilandelayo. Iyakwazi ukubhreka masinya lapho isola ingozi, kuba nemisinjwana oyizwayo lapho kukhona okusondela emotweni, kanti iyakubuyisa nasemzileni lapho izwa ukuthi usuqala ukuphaphalaza.

Image

Sisakhuluma ngemisindo, kayihlabi umxhwele indlela enswininiza ngayo uma upaka, ikakhulukazi uma uhlehla, ungafunga ukuthi yi-truck eyothulula izimpahla esitolo, kanti nebhuthi yakhona - oyivula ngaphambili - inomsindo ofanayo.

Yilapho ukhumbula khona ukuthi nakuba ithathele esakhiweni se-RAV4, kukhona okube wukunqamulela ukuze kwehle inani.

Ibhuthi yona livulekile, ingamalitha awu-490, ongapakisha izimpahla zomndeni omncanyana, kwanele konke.

Image

Iyimoto elungele imigwaqo yasemadolobheni nezindlela ezingadingi amandla atheni.

Okungathakaselwa ngumthengi wukuthi ikunika i-waranti ka-200 000km eminyakeni ewu-5, ne-service plan yeminyaka ewu-4.

Ubuchwepheshe ngokujwayelekile, akukho okusha abakwenzile uma uqhathanisa nezimoto eziphume ngesikhathi esifana nesayo, okunye kuze kube yisidala. Iyakwazi ukuxhuma zonke izinhlobo zikamakhalekhukhwini.

Image

Uma uyiqhathanisa nezimoto ezikhiqizwe ngabakwaSuzuki ngokugcwele, inani layo liphezulu kakhulu.

Uyithola kusukela ku-R349 900 kwi-1.5 GL 5MT Manual, u-R372,900 i-1.5 GL 6AT Automatic bese kuthi i-1.5 GLX 6AT Automatic, yona ibe ku-R464,900.

0