13 | Izindaba

Friday, 03 October 2025

ISHAYE izule 

noZandile Tembe

Uyibuka ngelinye iso emuva kokuyishayela...

Iyakufundisa ukuthi uyishayele kanjani iChery Tiggo Hybrid (HEV)

 
Kayinyakazi uma umshayeli engalifakile ibhande, kanti iyatabalasa emigwaqweni eyibhuqu ...


KUZOPHOQA ukuba abashayeli bashintshe imiqondo yabo nemikhuba emidala yokushayela ukuze bahambisane nezimoto zesimanjemanje.

I-Chery Tiggo Cross Hybrid, iwuhlobo lwemoto oluhamba ngophethiloli nangogesi, kanti kuningi engifundise khona ngendlela ongayishayela ngayo ukuze ugculiseke ngemali yakho.

Emuva kwezinsuku ezimbili ngiyishayelile le moto, ngibe nokungagculiseki, ngabe sengazisa ithimba engisebenza nalo ngokungagculiseki kwami, nalapho ngithole khona ukufundiseka kabanzi ngokuqonda indlela oshayela ngayo imoto, nomehluko wayo kwezinye.

Image

Lokhu kungenze ngayibuka ngelinye iso indaba yezimoto zesimanje, mhlawumbe namasu asetshenziswe ngabakhiqizi bezimoto zaseShayina asiphoqa ukushintsha indlela esishayela ngayo eMzansi, nokusebenzisa imoto nje emgwaqweni.

Ngikuncoma kakhulu ukuqikelela kwabakwa-Chery ngezokuphepha ezikulemoto, ngoba uma sibheka izingozi emigwaqweni yezwe lethu, lokhu kuza nesixazululo esisidingayo.

Yebo, akusiyo imoto edala ingozi emgwaqweni, kepha ingozi idalwa wubudedengu kubashayeli  nezimo zemigwaqo yethu. Ukufunda indlela eyiyo yokushayela nokuzinika isikhathi sokuqonda lokho imoto ekunika khona kuletha okwahlukile ngayo.

Image

Yilapho nami ngifunde khona ngeChery Tiggo Cross HEV nendlela eyiyo yokuyishayela, ngibe sengifunda okuningi ngayo, nokwenze ukuyishayela kwami kushintshe kunokwangaphambilini.

Ngiyakuncoma ukonga kwayo uphethiloli, njengoba isebenza kakhulu ngogesi kunophethiloli. Lokhu kwenza ukushayeleka kwayo kuze nokunethezeka nokuyenza ihambe kahle emigwaqweni yetiyela ngisho ungayinyathela kangakanani.

Image

Ingaphakathi layo nezihlalo zayo zisezingeni eliphezulu, okwenza ibukeke sengathi ikhishelwe imali enkulu, kanti cha. Nakuba ishayeleka kamnandi emgwaqweni, kodwa akuyona imoto ongahamba ngayo obhuqwini nangaphandle kwetiyela ngenxa yokuthi iyahluleka ukushayeleka kahle lapho usuyishaya ngamandla, nalapho oqala uyizwe isibubula ngomsinjwana ophazamisayo.

I-Chery Tiggo Cross HEV iwufanele umndeni ngenxa yokuvuleleka kwayo ngaphakathi ikakhulukazi ngemuva, ngenxa yokunikeza isikhala esanele sokuhlala nesokulula imilenze.

Ibhuthi (boot) nalo engamalitha awu-340 kuya ku-380, livulekile ngoba sifake zonke izikhwama zethu, kwaphinde kwasala isikhala. Enye yezinto ezothakaselwa abashayeli wukuthi ine-warranti yeminyaka emihlanu (5) ngemuva kwamakhilomitha awu-150 000 ne-service plan yeminyaka emihlanu (5) kumakhilomitha awu-60 000, bese kuthi i-battery kagesi ehamba ngalo, ibe ne-unlimited warranty yeminyaka eyishumi, uma iza nomthengi wayo wokuqala (original buyer).

Image

Inenjini ewu-1.5 wamalitha ekunikeza amandla amakhilowathi awu-150 bese idonsa ngo-310 Nm. Inama-airbags ayisikhombisa (7) nekhamera ewu-360 eyi-HD okusho ukuthi isithombe sakhona sigqame bha, ngakho ngeke uhluleke lapho usupaka nokubona konke okusondelene nemoto.

Okunye engikuncomayo wukuthi ayisuki le moto uma umshayeli engalifakile ibhande (seat belt), ngenxa yamabhuleki kagesi ayibambayo ukuba inyakaze.

Ubuchwepheshe bakhona buhamba ne-screen esiwu-10.25 esinabo bonke ubuxhaxhaxha bezomculo nobuchwepheshe be-Airplay
ne-Android, indawo yokushaja (charge) umakhalekhukhwini ne-voice assistant ekusiza usebenzise ucingo lwakho ngaphandle kokuchofa ube ushayela.


I-Tiggo Cross HEV inamamodeli amabili, i-Comfort ewu-R439 000 ne-Elite ngo-R469 000.

0