13 | Izindaba

Friday, 28 November 2025

Ishaye izule: Zandile Tembe

Ukuthenga imoto
kwi-Auction 


Kubalulekile ukusebenzisa izikhungo nama-website asemthethweni...
Image

IZIMOTO ezithengwa kuma-auction, kazinayo imicikilisho eminingi njengalezo eziphuma egalaji.

UKUTHENGA imoto endalini yezimoto (auction) ngenye yezindlela zokonga lapho ufuna ukuthenga imoto.

Lolu hlobo lokuthenga izimoto luvikela umthengi kwimixhantela yezindleko ezifika nokuthenga imoto entsha egalaji lezimoto. Okunye okwenza ukuthenga imoto endalini kube ngcono kunokuthenga egalaji,  wukuthi uyakwazi ukuyihlelela ngqo ngokwepha-kethe lakho.

Okuhle kakhulu ngalokhu, futhi wukuthi uyakwazi ukuthola imoto esesimweni esihle ngenxa yokuthi amabhange ayakuqinisekisa lokhu.

Okubalulekile ngaphambi kokuthi uye endalini, wukwenza ucwaningo ngama-auction,  wukwazi izinsuku zendali, nezikhungo ezahlukene zendali.

Isonto nesonto izikhungo ezahlukene ziyaye zibe nendali lapho amanani ezimoto engaphansi kakhulu kunasemagalaji ezimoto.

Okuhle futhi ngokuthenga imoto endalini wukuthi uthola lonke uhlobo lwemoto nemikhiqizo eyahlukene, kusukela kuma-SUV, izimoto ezincane nezokuthutha, noma elungele umsebenzi wansuku zonke.

Image

Uyakwazi ukubona zonke izimoto ezisendalini

Akugcini-ke futhi ngokuthi uziyele mathupha ngoba izikhungo eziningi zendali namabhange zivulele wonke umthengi ithuba lokuthi abe yingxenye ngokuthenga kwi-internet.

Lokhu kwenza ukwazi ukubona zonke izimoto ezikhona kuzo zonke izifundazwe. Okunye okubalulekile wukuthi ukwazi nokuqonda indlela indali yezimoto esebenza ngayo ukuze ikusebenzele.

Kubalulekile ukwazi izindawo zendali kanye nama-website asemthethweni, ongawasebenzisa ngaphambi kokwenza isinqumo.

Hlela uhambo lwakho ngoba indali idinga uzinike isikhathi ubuka izimoto ezisendalini. Kuyanconywa ukuba uye embukisweni ngaphambi kosuku olusuke lubekiwe lwendali, ukuze uyixilonge kahle imoto oyikhethile.

Kubalulekile ukubhekisisa ingaphandle lemoto, ukubheka ukuthi ayikaze yini ilimale noma ilungiswe phambilini. Ingaphakathi nokuphatheka kwayo kubalulekile, kanti uyakwazi ukuyidumisa, kodwa ukuyishayela ukuze uyizwe ihamba kanjani, akuvumelekile.

 Kubalulekile ukuhlolisisa umzimba wemoto ukuthi kayikaze ilungiswe yini phambilini

Image

Kubalulekile ukuba uphelezelwe ngumuntu onolwazi olunzulu ngezimoto, okungenzeka kube umakhenikha noma umuntu onesipiliyoni ngokudayiswa kwezimoto, ukuze akwazi ukukupha amacebo nolwazi oluthe thuthu.

Nakhu okumele ukwenze noma ufike nakho ngosuku lwendali uma usunqume ukuthenga imoto:

• Bhalisa bese uphatha umazisi nencwadi eqinisekisa ngedilesi yakho

• Ukuphatha imali yediphozi ejwayele ukusukela kwinani lika-R5 000 kuye ngesikhungo sendali, kanti le mali uyabuyiselwa yona uma unquma okuhlukile. 
• Uma usukwenzile lokhu, uthola inamba yakho ozoyisebenzisa uma sekuqala ukubhida (bidder number).

Okumnandi wukuthi lokhu ungakwenza bukhoma noma online, uma usebenzisa isikhungo esivulele nabathengi ba-online

• Uma usebenzisa indali ehlelwa yibhange, uyakwazi nokufaka isicelo sembolekomali yezimoto (pre-approval car finance).

Umthetho obalulekile ngokuyothenga imoto kwindali, wukuthi imoto uyithenga injengoba injalo, yingakho kubalulekile ukuyixilongisisa ngaphambi kokuba uyithenge.

Khumbula ukudidwa wubuhle bezimoto, hlala kobewukuhlelile ngokwe-budget, ungakhohlwa wukuthi inani lisuke lingenayo intela ye-VAT, i-buyers commission nezimali zamaphepha okubhalisa imoto ngegama lakho.

Khumbula ukufaka ukuhlelela lezi zindleko ngokuphelele, uzifake kwi-budget yakho ukuze ungashodi. Imoto kumele uyikhokhe ngokugcwele emahoreni awu-24 kuya kwawu-48.

0