13  | Izindaba

Friday, 07 November  2025

Ungabudeleli ubuncane beSuzuki Jimny

Image

Zandile Tembe 

UNGABUDELELI ubuncane beJimny ngoba yakhelwe impilo yasedolobheni nangaphandle kwedolobha, kanti inawo namandla injalo nje.

Ngingumama ozisebenzayo - obhekelele nabantwana abafunda isikole, aphinde abematasa nezinto ezahlukene ezidinga ngibe nezinyawo ezisheshayo - ngakho imoto engalidli iphakethe ibalulekile kimina.

Iqiniso lithi imoto ifana nesekela lakho empilweni, ngakho kumele ihambisane nokuningi ezindleleni zakho.

Image

ISuzuki Jimny ozishintshela wena amagiya (manual), incane  ngesakhiwo, ithatha kulolu hlobo lwezimoto esizibiza ngamaSUV angama-4x2, afanele ukuhamba emagqumeni namathafa.

Kumshayeli wasemadolobheni, yenza kube lula emgwaqweni onesiminyaminya nokungena lapho izindawo zokupaka zizincane, ikakhulukazi ezitolo nalapho uphuthumisa abantwana esikoleni.

Image

Nakuba isakhiwo sayo ungasibona sisincane, kodwa ukuphakama kwamasondo ayo kwenza uqhwakele, ubone kangcono nangaphambili.

Ibambelela kahle nasemgwaqweni wetiyela uma uzoncenga ijubane, kanti namagiya ayo kawaqinile ngendlela ebengilindele ngayo.

Mangisho kodwa ukuthi ngithe ngithatha uhambo lwaphesheya koThukela, lapho kwakunomoya omkhulu, ibingabambeleli kahle, ibiphephuka, okuphoqe ukuba ngishintshe indlela yokushayela ngisebenzise ezomelana nesimo.

Image

Kuningi-ke engingakutholanga kuyona uma ngibheka izinto ezihambisana nezimoto zesimanje.

Kayinayo indawo yokuzimelela lapho ushayela (armrest), okungakukhathaza lapho ushayela ibanga elide. Kayinazo izindawo zokubeka iziphuzo ezicabheni zonke zayo.

Kawukwazi nokushaja (charge) ucingo ngaphandle kwekhebuli kanti nebhuthi (boot) kayinaso isikhala esikhulu, kungena izikhwama ezimbalwa.
Injini iwu-1.5 litre kaphethiloli kanti inamagiya awu-5 speed, idla uphethiloli olinganiselwa emalitheni awu-6.3 kumakhilomitha awu-100.
 
Umzimba wayo uqinile, okuwenza ukwazi ukumelana nohambo lwezindawo ezinamagquma nezintaba, kanti ukuphakama kwayo kuyasiza kulokhu.

Inani layo lisukela ku-R432 900 kwi-1.5 GLX 3-door kanti i-1.5 GLX All Grip 5-door manual yona inani layo liqala ku-R462 900 bese kuthi i-1.5 GLX AT (auto) yona iqala kwinani lika-R454 900.

Image

Kwezobuchwepheshe, i-Jimny ine-7-inch touchscreen okwazi ukuyixhuma kumakhalekhukhwini wakho wanoma yiluphi uhlobo uma nje ine-bluetooth.

Ukuze ukwazi ukushaja, kumele uze nekhebuli. Inamalambu e-LED namasondo e-alloy  kanti inekhamera okwazi ukubona ngaphambili nangemuva, ukusiza upake kangcono.

I-Jimny kakusiyo imoto yokupensa kodwa iyabukeka, kanti ngayo uyawonga nophethiloli. Uma ubheke imoto encane ngesakhiwo kodwa ezokwazi ukuhamba emigwaqweni yasedolobheni nasendaweni ezinamagquma nemifudlana, ingakufanela.

0