13 | Izindaba

Friday, 24 October  2025

Cishe u-80% ongabhalisiwe...

Iseyinkinga eyokungabhaliswa kwamabhizinisi asemalokishini 


 Ongoti bathi lokhu kubeka ikusasa lawo engcupheni...
Image

 Nabadayisa emigwaqweni bayadinga ukubhalisa ngaphansi kohlelo losomabhizinisi abancane, ukuze bezokwazi ukuthola imihlomulo eqondene nalo mkhakha.

Mthokozisi Dlomo

ALINGANISELWA ku-80% amabhizinisi asemalokishini angabhalisiwe, ngokusho kombiko wophenyo lweStandard Bank, iTownship Informal Economy Report.

Imboni yamabhizinisi angabhalisiwe (informal sector) eNingizimu Afrika ilinganiselwa ku-R1 trillion, kanti umnotho wasemalokishini ufaka u-6% emalini eyenziwa yizwe ngonyaka, iGross Domestic Product (GDP).

Image

Kulo mbiko weStandard Bank, kuvele ukuthi ukungabhaliswa kwamabhizinisi kuwanqinda amandla okukhula njengoba engakwazi ukuthola uxhasomali (finance) futhi ayavaleleka ezimakethe ezigunyaziwe.

Kuba nzima nokuthi lawa mabhizinisi athole ukwelekelelwa uma kunezinhlekelele njengoba kwenzeka ngesikhathi kuvalwa izwe ngenxa yobhubhane iCovid -19
ngo-2020, uhulumeni unxephezela amabhizinisi akhahlamezeka.

Baningi osomabhizinisi abasakhala ezimathonsi ngezibhelu zokutatshwa kwempahla ngoJulayi wango-2021, nezikhukhula zango-2022, ngenxa yokuthi amabhizinisi abo ayengenayo imishwalense, etholwa yilawo abhalisiwe.

IStatistics SA ichaza amabhizinisi angabhalisiwe njengalawo angasebenzi ngokulawulwa wumthetho okubalwa kukhona ukubhalisela iVAT, nemithetho yokusebenza, futhi angayikhokhi intela.

Image

Libhaliswa kanjani ibhizinisi?

Umsebenzi wokubhaliswa kwamabhizinisi noma izinkampani kuleli unikwe iCompanies and Intellectual Property Commission (CIPC). Ungaxhumana neCIPC ku-086 100 2472 noma
nge-email ku-enqbeedomain@cipc.co.za.

Kungenjalo ungavakashela ihhovisi loMnyango wezoHwebo neziMboni, noma ihhovisi likamasipala wangakini, bakuyalele iminyango ongangqongqoza kuyona ukuze usizakale.

0