13 | Izindaba

Friday, 25 July 2025

Image

 Inentokomalo nesitayela iHyundai Santa Fe Hybrid

Ishaye izule noZandile Tembe

INTOKOMALO, isitayela nezinga eliphezulu lobuchwepheshe kutholakala kwi-Hyundai Santa Fe Hybrid.

Abakwa-Hyundai basimeme bethula lo mshini ozishintshayo ngohambo olukhethekile, lapho sithole ithuba lokuyishaya izule, sisuka eThekwini silibangise eGwahumbe Game and Spa, eMidilovo.

Ubuchwepheshe obukule moto bukwenza ungakulangazeleli ukusheshe ufike lapho
ol-ibangise khona.


Balukhiphe kakhulu unyawo uma uyiqhathanisa nohlobo lwayo lwaphambilini, kanti ukusebenza kwayo ngogesi kuyancomeka ngoba kusiza ekongeni uphethiloli. Ibambelela kahle lapho ushayela emgwaqweni wetiyela onamajika nama-hampu.

Image

Uma usuka noma wehlisa isivinini, ungafunga ukuthi indizamshini, awuzwa ngisho! Yilolu hlobo olubona luqhamuka ungezwa msindo, okuyenza inikeze oyishayelayo isizotha nokuhlonipheka.

Akubuzwa ukufaneleka kwayo emndenini omkhulu njengoba inezihlalo  eziyisikhombisa, nebhuthi engamalitha awu-628 uma ulalisa izihlalo zangemuva.

Ezinye zezinto ezingihlabe umxhwele yilezi; wuhlobo oluphambili lwe-stereo olukhiqiza umsindo osezingeni leBose. Ubuchwepheshe bezokuxhumana buhambisana nohlobo lwe-Apple CarPlay ne-Android Auto, okwenza kube lula ukushaya izingcingo ngaphandle kokusebenzisa
umakhalekhukhwini, nokuqinisekisa ukuphepha lapho ushayela.

Image

Ukuhlanganyela kokusebenzisa kwayo uphethiloli nogesi kusiza ekongeni imali nasekugcineni imvelo ihlanzekile.

Ingaphakathi layo linethezekile, kanti abakwa-Hyundai Santa Fe, benze isiqiniseko sokuthi konke okusetshenziswe ngaphakathi nokwakheka kwayo basebenzisa ikhwalithi yodwa, nezihlalo zayo zesikhumba sikanokusho.


Nakuba yakheke kahle ngaphandle ikakhulukazi uma uyibuka ngaphambili, ingemuva layo alingihlabanga neze umxhwele. Akusilo uhlobo lwe-SUV ongahamba ngalo obhuqwini noma ezindaweni ezingenayo imigwaqo yetiyela, itibula kanzima.

Nanoma uzama ukuyishaya izule, ayikhombisi amandla atheni, kubonakala sengathi bagxile ebuchwephesheni kakhulu, bathambisa ebunjiniyeleni obulindeleke emotweni  enamandla.


Ngezigidi eziwu-R1.24, ngibone sengathi ukhokhela kakhulu ubukhazikhazi nobuchwepheshe obuphambili, ngeyomacaphunakusale. Lolu wuhlobo lwemoto olufanele abantu abangakugqizi qakala ukukhokhela isitayela, ubukhazikhazi, yintokomalo emotweni nokuphepha okuthe xaxa.

0