13 | Izindaba
Friday, 12 June 2026
‘IDLE ubhedu’ ingumafikizolo, iqokwa njengemoto yonyaka ka-2026 iJetour - okuyimoto yaseChina - emcimbini weSouth African Car of the Year, owenziwa yinhlangano iSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ).
Kulo mcimbi - obumhla ka-27 kuMay, ugubha iminyaka ewu-40 wabakhona - le moto imenyezelwe njengehamba phambili eNingizimu Afrika.
Okuthuse abaningi wukuthi 'ihlabana' nje, kayinaso isikhathi eside ifikile kuleli, kanti iseminingi imibuzo ngomkhiqizo wezimoto zaseChina.
Kuleli sonto, ILANGA Lempelasonto lizizwele mathupha iJetour T2.
Okwenza ukulangazelele ukuyishayela le moto, yisasasa elikubashayeli, kanti miningi nemibuzo ngayo embonini.
Kuyacaca ukuthi iT2 ingenye yezimoto ezithakaselwa kakhulu uma ubuka ukwanda kwayo emigwaqweni. Kuningi esikubhekile kuyo, esikubone kube nomthelela omkhulu ekuhlabaneni kwayo, nakuba ingumafikizolo.
Okuseqhulwini, wukubukeka kwayo; ongakufanisa nezinye zezimoto ezisezingeni layo, kanti incintisana neTank 300, iToyota Fortuner, i-Everest ne-Scorpio-N.
Ubuchwepheshe obusetshenziswe kuyona, obuhlanganisa nokuphepha, ukuthola ngenani elingaphansi kokujwayekile, okungenye yezinto ezenza iT2 ithathe abaningi.
Enye yezinto ewungqaphambili kubashayeli ngemoto, wukumelana nezimo zesimanjemanje, ngaphandle kokudla iphakethe. I-T2 ibonakala ikuqhambisile lokho njengendlela yokuhlangabezana nomshayeli.
Sihlale sikubheka ukuthi imoto iyakwazi yini ukumelana nezimo ezahlukene zemigwaqo yakuleli, ngoba lokho kunomthelela enanini lokuyigcina isikhathi eside.
I-T2 ngiyithole iyimoto ekwazile ukumelana nokuningi, kanti nayo inemixhantela eminingi esiza umshayeli lapho ehamba emigwaqweni eyahlukene.
Ithayi netiyela kubamba kahle emigwaqweni yasedolobheni, kanti noma uyifaka emagqumeni nasebhuqwini, ingena khaxa.
Ubuchwepheshe obukwiJetour T2, yibona engibubeka njengobuhamba phambili, ungafunga ukuthi abakhiqizi bayo bebesebenza nengcithabuchopho kwezobuchwepheshe, ngoba akukho abangakucabanganga.
Le moto ihlanganise ubuchwepheshe obenza kube lula ukuyishayela, lapho uhamba ezindaweni ezinezintaba, nezindlela ezinzima.
Ine-15.6-inch eyi-touchscreen, ixhuma zonke izinhlobo zomakhalekhukhwini, inanekhamera ezungeza u-540 degree, kanti iyakwazi ukulekelela umshayeli uma kudingeka asebenzise uhlelo lokushayela okusezingeni eliphezulu (driver-assistance technology), okuyinto oyithola ngenani eliphezulu kwezinye izimoto zomgangatho.
Kwezokuphepha, uhlelo lwayo lwe-ADAS, luhlanganise ukushintsha izindlela nejubane layo (Adaptive Cruise Control), wukugwema ukukapakela kweminye imizila (Lane Keeping Assist), wukukuxwayisa lapho uzocishe ushayise (Forward Collision Warning), ikufakela yona amabhuleki uma ucishe ushayisa, ngemuva nangaphambili.
Ikhona neminye imixhantela.
Ekongeni uphethiloli, ngiyincoma kakhulu njengoba ihlanganise nogesi.
Nokho ngikhethe ukuyishayela ihamba ngophethiloli, ukuze ngiyibone ukuthi yonga kangakanani.
Ezinsukwini eziwu-7 ngihamba ngayo, nsukuzonke, izindlela ezinde nezimfushane ngifake uphethiloli ogcwele phama, kayizange idlule kuhhafu wethangi. Ngicabanga ukuthi yikho kanye lokhu okuthatha abantu abaningi, ngoba kuyibeka esicongweni ngokonga.
Iqiniso lithi iJetour T2 inokuningi kakhulu okuthola ngenani layo elisukela ku-R569 900 liye ku-R704,900; kuye ngemodeli oyikhethayo.
Inewaranti yeminyaka ewu-7, ku-200 000 km; injini yona inewaranti yeminyaka ewu-10 no-1 million km wenjini kumshayeli wayo wokuqala, bese iba ne-service plan yeminyaka ewu-7 ku-75 000 km.
Umbuzo omkhulu nozophenduleka ngokuhamba kwesikhathi, uthi; emuva kweminyaka uyithengile, ikhwalithi nokushayeleka kwayo kuzobe kukuliphi izinga nenani.