13 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Ishaye izule: Zandile Tembe

I-Leapmotor ididiyelwe ngobuchwepheshe beqophelo eliphezulu 


Isebenza ngophethiloli nogesi, inezihlalo ezifudunyezwayo...
Image

IKUFUNDISA kabanzi ngokudidiyelwa kwezobuchwepheshe nezindlela ezintsha zokushayela, ezonga uphethiloli, i-Leapmotor C10.

Ngidideke ngaphela ngosuku lokuqala ngiyishayela i-Leapmotor C10, ngitikatika ngibheka indlela yokuyivula nokuyisusa ukuze ngiqale uhambo lwami. 

Kayinalo ibhathini oliciphizayo ukuze uvule izicabha zayo njengokujwayelekile emotweni, kanti ukhiye wayo uyisicaba sekhadi elifana nelasebhange.


Ukuyivula, uthatha lo khiye ofana nekhadi lasebha-nge, uwuncikise esibukweni somshayeli esiphambili sokubuka ngemuva (driver’s side mirror). Usungakwazi-ke ukuyivula ungene phakathi.

Image

* Idunyiswa ngendlela engajwayelekile

Uma ucabanga ukuthi lokhu kukodwa kuyamangaza, yizwa okungajwayelekile-ke ngendlela oyidumisa ngayo.

Ukuze iqale idume, uthatha lesi sicaba esiwukhiye usibeke lapho ungashaja khona umakhalekhukhwini wakho, uzobe usuyibona ikubhalela ku-dashboard (
esithombeni esingezansi), ikwazisa ukuthi usungasuka.

Ayizwakali-ke lapho iduma; lokhu kwenziwa wukuthi ihamba ngogesi, kanti nophethiloli iyahamba ngawo, kodwa umsebenzi omkhulu ngenjini kaphethiloli ye-Leapmotor C10, wukuthi isebenza ukushaja i-battery kagesi.

Nge-battery ungayishaya izule ifinyelele cishe ku-950 km. Okunye nge-C10 wukuthi injini kaphethiloli ayisebenzi ukuqhuba amasondo angaphambili, kodwa isebenza kuphela ukukhiqiza ugesi.

 • Inenjini encane yokushaja ibhethri

Image

Abakhiqizi bezimoto i-Stellantis, bakhiphe izinhlobo ezimbili zalezi zimoto. Olokuqala yi-REEV, okuyimoto ehamba ngogesi, kodwa inenjini encane kaphethiloli, ekhiqiza ugesi uma ibhethri selinciphile.

Lokhu kwenza imoto ikwazi ukuhamba ibanga elide, ngaphandle kokuma kaningi ukuyoshaja. Uhlobo lwesibili, oluyi-BEV, lona luhamba ngogesi kuphela, kanti kalunayo injini kaphethiloli noma kadizili.

Uma ibhethri liphelile, kudingeka ishajwe futhi ukuze iqhubeke nokuhamba. Lokhu kuchaza ukuthi i-Leapmotor C10, iphokophele ekongeni kuzona zombili lezi zinhlobo.

Image

ILANGA Lempelasonto libe nethuba lokushayela uhlobo lwe-REEV. Baningi ababejika nayo, abanye baze bacele ukusondela, bayibuke ngaphakathi.

Inethezekile, kanti akusiyo imoto ongabheka ukugijima nesivinini kuyona, okuyinto esengiyiqa-phelile ngemikhiqizo yezimoto zasezweni lase-China.

Ingaphandle le-C10 lisulekile, kanti kalinamixhanti eminingi, lihambisana kahle nezindawo zasemadolobheni nemigwaqo yalo emincane, ingena kuzona zonke izindawo nakuma-parking.

Amalambu ayo ayisimanjemanje, awumugqa nje, kodwa akhanyisa kuthi bha, u-bright wayo uyazikhanyela wona lapho uhamba endaweni emnyama kakhulu.

Image

Izihlalo zayo zinesifudumezi (heater) nesiqandisi (cooler), kanti ivulekile ngaphakathi, nabahleli ngemuva bahlala ngokukhululeka, kanti ibhuthi linesikhala esingamalitha awu-435. 

Njengoba ngike ngabeka, i-Leapmotor C10 ayinamabhathini, zonke izinto kuyo kuchiphazwa kwi-screen sayo esikhulu. Konke okukule lemoto kusebenza ngohlobo lwe-digital.

Kungithusile ukuthi ukukhanyisa ama-hazard, uciphaza ngasophahleni lwayo oluyi-panoromic.

 • Engingakuthakaselanga yilokhu:

Izingqinama nge-C10 wukuthi indlela eshajwa ngayo ithatha kancane, kanti lokhu kuyisalelisa emuva uma uyiqhathanisa nezinye izimoto zikagesi.

Izinhlaka zosizo kumshayeli (ADAS), zingagcina zikucunula ngoba ziningi kakhulu, kanti zingakuphazamisa lapho ushayela.

Amathayi ayo awu-20-inch, okuwusayizi ojwayelekile kuma-SUV. Intengo yezimoto ze-Leapmotor C10 REEV Style isuka ku-R759 900, kuthi i-Leapmotor C10 REEV Design –  u-R799 900.

0