13  | Izindaba

Friday, 11 July 2025

Image

Buhle ubuchwepheshe beGAC Emkoo

Kodwa kukhona okumele kubuyekezwe

ISHAYE IZULE

 noZandile Tembe

IMOTO izogcina isifana ncamashi nendizamshini uma ubheka ukunyuka kwezinga nobuchwepheshe obukuyona manje.

I-GAC Emkoo inginikeze lowo muzwa, kwangicacela ukuthi yiyona ndlela abakhiqizi bezimoto zaseShayina abazodlisela ngayo emakethe nakubathengi.

Kuningi engikuqaphelayo ngendlela abenza ngayo izimoto nabakuqhakambisayo uma ubaqhathanisa nabanye abakhiqizi.

Nakuba ngithathekile yiyo, lokhu akungiphazamisanga ezintweni ezibalulekile nengizidinga emotweni, nengicabanga ukuthi zibalulekile kumshayeli.


Nakhu engikuncomayo nengikuqaphelile nge-GAC Emkoo:


Ngibuncoma kakhulu
ubunyoninco obuhlanganisa isitayela sesimanjemanje nendlela ehamba ngayo emgwaqweni, kanti balukhiphile unyawo ngezinhlelo ezithe thuthu zokushayela okuphephile kuyo.

Image

Ngaphakathi abagcinanga nje ngokucabangela umshayeli nahleli naye phambili ngokuvuleleka kwayo, kodwa nangemuva ivuleleke kakhulu okwenza abangemuva bahlale ngokunethezeka.

Ubuchwepheshe bezokuzijabulisa obusebenza nge-touchscreen busezingeni eliphezulu nakuba kusamele balungise lapha nalaphaya ngenxa yokuthi ixhumana ngokuphelele nohlobo lwe-Apple Carplay kuphela, uma usebenzisa umakhalekhukhwini we-Android Auto, awukwazi ukuxhuma.

Bayicabange kahle eyezishayisi-moya eziphenduphendukayo (rotatable air vents) lokhu kwenza umoya opholile noma oshisayo ufike yonke indawo emotweni.

Uhlobo lwezivalo ezibizwa nge-rotary-style door lock, lwenza ungabi novalo ngokuphepha ezigebengwini. Lokhu kusho ukuthi uma usiyikhiyile izibambo zayo zivaleka zinamathele, okwenza ongenawo ukhiye wayo angakwazi ukuyigqekeza.

Image

 Okunye ngokuphepha kwayo ebulelesini wukuthi uma nje usuka eduze kwayo nokhiye wayo, iyazikhiya yona nokukuvikela ezelelesini ezijema izimoto.

Ibhuthi layo lingamalitha awu-638 okuyisikhala esiningi, nokukusiza lapho uthatha uhambo olude oludinga imithwalo eminingi.

Image

 Ekongeni kwayo uphethiloli, i-GAC Emkoo idla amagalani awu-6.4 ngamakhilomitha awu-100. Injini yayo eyi-turbo ingamalitha awu-1.5, okuyinika amandla anele ohambo lwansuku zonke nolude.

Ngikuqaphelile nokho ukuthi uma uyinyathela kusukela ku-120 kuya phezulu ibubula kanzima ibe nomsindo ongemuhle wenjini.

Inani layo lika-R519 900 ye-1.5T Executive nelika-R559 900 ye-1.5T Executive Plus, ngilibone liyifanele

0