12 | Izindaba
Friday, 08 August 2025
Ezempilo
noDkt Bongumenzi Mbatha
Udokotela uxwayisa ngokuthi uma engalashwa, angadala umdlavuza wenyongo...
KUYINTO ejwayelekile ukuthi abantu bakhulume ngokuthi bebeyohlinzwa ngenxa yokuba namatshe esiswini. Kodwa uma ungakaze uzwe ngalawa matshe, uyaye uzibuze ukuthi amatshe ayetheni lawo, futhi angena kanjani emzimbeni womuntu.
UDkt Bongumenzi Mbatha ongomunye wodokotela abangaqashiwe eKZN, echaza ngamatshe aziwa ngelama-gallstone uthe: "Ama-gallstones amatshe atholakala enyongweni yomuntu.
Ziyatholakala nezinye izinhlobo zamatshe ezindaweni ezinjengezinso, lawo siwabiza ngama-kidney stone. Asesinyeni abizwa ngama-bladder stone, imvama avela uma umuntu echama, engawuqedi wonke umchamo esinyeni," esho
"Izimpawu zawo kuvame ukuba wukuqumba kwesisu, sigcwale umoya, ubuhlungu esiswini ikakhulukazi ohlangothini lwesokudla ngaphansi kwezimbambo. Kwesinye isikhathi uzwa ubuhlungu obuqala esiswini, bukhuphuke buze bugcine ngasehlombe lwesokudla, ikakhulukazi uma uqeda ukudla.
"Kwesinye isikhathi izimpawu ziyaqinisa kwabanye abantu, kuze kumele kuphuthunywe kudokotela. Omunye angabuyisa yonke into ayidlayo nayiphuzayo, abanye babanamehlo aphuzi noma umzimba o-yellow (Jaundice), umzimba ulume kakhulu nomchamo ube mnyama," kusho uDkt Mbatha.
Ama-gallstone uthi adalwa amafutha esikhathini esiningi.
Abasengcupheni yokuphathwa ama-gallstones:
√ abesifazane ngokobulili
√ abaneminyaka engaphezu kuka-40,
√ abadla kakhulu ukudla okunamafutha
√ abaphuza utshwala nababhemayo,
√ nabazidudla nalabo abafuna ukuncipha emzimbeni ngokushesha.
Ukuwelapha:
Uma eshiywa engalashiwe angadala umdlavuza wenyongo uqobo, engalimaza nayo uqobo inyongo (gall bladder) ingabe isawenza umsebenzi wayo, aphinde alimaze isibindi namanyikwe (pancreas).
Indlela yokuwavikela wukuzondla ngokudla okungenawo amafutha kakhulu, nokuzivovoca ngendlela elungile, hhayi ngokweqile, nasekunciphiseni uphuzo oludakayo.
"Kubalulekile ukuthi umuntu aphuthume emtholampilo oseduze naye uma ezibona enalezimpawu esengizibalile, futhi ashintshe nendlela adla ngayo ngoba isifo sama-gallstone siyalapheka siphele kodwa kubalulekile ukuvikela, kunokwelapha," kuphetha uDkt Bongumenzi Mbatha.
Udokotela ubala ugwayi notshwala njengezinye zezinto ezingadala ama-gallstone.