Izindaba | 12
Friday, 20 June 2025
Ezempilo: noDkt Thabile Mthembu
The Blue Clinic
Ukuzidlalisa kuyayehlisa ingcindezi
UKUZIDLALISA noma i-masturbation wukuzithinta noma ukuzilalisa nomuntu ongekho ukuze uzithokozise ngokocansi ngaphandle kokubandakanya omunye umuntu.
Yinto ejwayelekile, engeyona inkinga, futhi ingaba yingxenye ejwayelekile yokuphila kwezocansi kowesilisa.
Kubalulekile Ukwazi Lokhu:
Kayiyona inkinga yezempilo: Ukuzidlalisa kwenzeka kubantu abaningi kusukela ebusheni kuya ebudaleni.
Kayisho ukuthi umuntu unenkinga, futhi akusho ukuthi akanelisekile ocansini nomlingani wakhe.
Kusiza ukuqonda umzimba wakho:
Kusiza amadoda ukuthi azi ukuthi umzimba wawo usebenza kanjani, okungakhuphula ukuzethemba ocansini.
Ingasiza ekwehliseni ukucindezeleka:
Ukukhululeka komzimba ngesikhathi sokuzithokozisa kungakhulula ama-hormone ajabulisayo, okwenza kube wusizo uma umuntu ehlaselwe yingcindezi noma engakhululekile.
Izinkolelo Ezimbi:
“Ukuzidlalisa kubanga ubumpumputhe noma ukugula”:
Lena yinkolelo-mbumbulu. Kazikho izifundo zesayensi ezikhombisa ukuthi ukuzidlalisa kungadala ukugula noma ukukhubazeka.
“Kwenza singasebenzi kahle isitho sangasese”:
Kunoma yimuphi umuntu, uma enza noma yini ngokweqile, kungaba nomphumela ongemuhle. Kodwa ukuzidlalisa ngendlela ejwayelekile akubangeli ukungasebenzi kwesitho sangasese.
Ubuhlobo Nempilo Yezocansi:
Ukuzidlalisa kungaba yingxenye ejwayelekile yempilo yabantu abashadile noma abangashadile. Abanye bayakuse-benzisa ukusiza ukulawula izinkinga ezifana nokushesha ukuqeda (premature ejaculation) noma ukukhathazeka ocansini (performance anxiety).
Uma sekuyinkinga?
Uma ukuzidlalisa sekuphazamisa impilo yakho mhlawumbe kungakwenza ungathandi ukulala nomlingani wakho, noma kukuphazamise emsebenzini, kuyobe sekudingeka ukuthi uxoxe nochwepheshe bezempilo.
KwaThe Blue Clinic sinikeza izeluleko zezempilo yocansi, ukwelashwa kwezinkinga ezifana nokushesha ukuqeda, ukukhathazeka ocansini noma ukwehla kwesifiso socansi.
Sitholakala kulezi zinombolo:
Umhlanga: 031 309 1832
Midrand: 011 568 7481