12 | Izindaba

Friday, 13 February  2025

 Kulobe: uMenzi Jele

Ezempilo

 Ukuqwasha (insomnia) kungaba yingozi

Ucwaningo luveza ukuthi abantu abaqwashayo, imvamisa banomuzwa wokuzibulala...

Image

UKUQWASHA ebusuku, lapho ubuthongo bungafiki nhlobo, noma bukuphelele, kungaba yingozi. Ubungozi bokuqwasha wukuthi ubuthongo buyabuya emini, bukuhlasele  sekufanele kubekhona izinto ozenzayo, noma usemsebenzini.

NAZI IZINTO EZIHOLELA EKUTHENI UMUNTU AQWASHE:

✔️Ukuphatheka kabi.
✔️Ukulala ulambile.
✔️Ukuba nokhwantalala.
✔️Ukuba nomuzwa wokwesaba, uma ulele endaweni ozizwa ungaphephile kuyo.
✔️Ukusebenzisa izidakamizwa ngokweqile.
✔️Ukuxiwa izikweletu.
✔️Ukungemukeli ukushiywa emhlabeni ngumuntu omthandayo noma obuwethembele kuye.

NAZI IZINHLOBO ZOKUQWASHA:

✍🏾 Transient Insomnia: Lapha uqwasha isikhathi esingaphansi kwamasonto amathathu.
✍🏾 Acute Insomnia: Lapha uqwasha isonto elilodwa, kuya kwamathathu.
✍🏾 Chronic Insomnia: Lapha kukhulunywa ngabantu abaqwasha isikhathi eside, kuze kuphele izinyanga ezintathu, noma uqwashwe ubusuku obuthathu ngesonto elilodwa.

Image

Ukugeza umzimba ngamanzi afudumele ngaphambi kokulala, kubalwa njengenye yezindlela ezingaba yisisombululo ekuqwasheni.

NAKHU OKUFANELE UKWENZE UMA UHLASELWA ISIFO SOKUQWASHA:

👉🏾 Gwema ukuba nomzwangedwa, uhlale nabantu obathandayo, nabakwenza ujabule uma unabo.
👉🏾 Gwema ukushayela imoto uma kade uqwashile ebusuku, ngoba ubuthongo bungakuhlasela usengemuva kwes'teringi, ushayela.
👉🏾 Geza umzimba ngamanzi afudumele ngaphambi kokulala.
👉🏾 Zivocavoce ngaphambi kokulala, ukuze umzimba ukhathale.
👉🏾 Yenza into ezokwenza umqondo wakho kubekhona lapho ugxila khona, njengokufunda incwadi, usembhedeni.
👉🏾 Uma ukuqwasha kuqhubeka, bonana nabeluleki bezenqondo (psychologists), ngokushesha.

🔴 Ucwaningo luveza ukuthi abantu abaqwashayo, imvamisa basuke benemizwa yokuzibulala.


Umthombo osethsnzisiwe: ngabe
Moyo Family Clinic.
menzi.jele@ilanganews.co.za

0