12 | Izindaba

Friday, 17  July  2026

Kulobe:  uMenzi Jele

Ezempilo

 Ukugoma ingane kuyivikela kokuningi

 Kumqoka ukuba ingane ingayeqi imigomo... 

Image

 Uma ingane igula, uyibona ngokukhala umlibe.

Ukugula kwezingane, yinto ejwayelekile uma zisakhula, kusukela izalwa kuze kube iba neminyaka ewu-6, kodwa yinto efanele isukunyelwe, ingane igonywe, ihanjiswe nasemtholampilo, njengoba impilo yengane intekenteke.

Kuthiwa izingane, kufanele zingayeqi imigomo, njengoba izifo eziningi zigwemeka uma ingane iyilandela yonke imigomo ehlelelwa yona emtholampilo.


Okunye ukugula kwengane kuyelapheka emakhaya, ngemithi ethengwa emakhemisi, kodwa ukuyihambisa emtholampilo, nakodokotela, yikhona okunconywayo, ngoba uma isixilongwa, ifakwa esikalini, kungatholakala nezinye zifo ezicashile, neziyinyonyobelayo ingane.

IZIMPAWU ZENGANE EGULAYO:

✔️ Uyibona ngokusheshe icasuke, ingakujabuleli ukudlaliswa.
✔️ Ikhala umlibe, ikhale ngendlela ehlukile.
✔️Iyashisa emzimbeni uma uyithinta.
✔️Enye ingane uma igula, iyathula, ithule ngendlela engajwayelekile.
✔️Indlela edla ngayo ingane egulayo, iyashintsha, kwesinye isikhathi ikubuyise ukudla (vomiting).
✔️Ayilali ebusuku.

ONGAKWENZA UMA UGULELWA YINGANE UNGALINDELE:

💊 Yijwayeze ukuyincelisa ibele.
💊 Yiba ngumngani nengane yakho, udlale nayo, khona izokwazi, ikujwayele.
💊 Emini ihlalise, iye embhedeni ebusuku, isiyolala.
💊 Hlala unemithi ezokusiza lapho ingane isukwa wukugula
💊 Izingane zigula ngendlela engafani, kuya ngeminyaka kusuka 0-kuya onyakeni 1, iminyaka 1-5, iminyaka 5-11.

IZIFO EZIJWAYELA UKUHLASELA IZINGANE:

✏️ Umkhuhlane (fever), yiwona ovama ukuphatha izingane uma kushintsha isikhathi sonyaka.
✏️ Isifo sohudo, (diarrhea).
✏️ Ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni (dehydration).
✏️ Ukuphefumula kanzima, ingane icinane ngokweqile.
✏️ Ukuqunjelwa esiswini (constipation).
✏️ Ukuphathwa yikhanda (headache).
✏️ Ukubona lufifi (poor eyesight).
✏️ Izikelemu (worms).
✏️ Chickenpox (upolisi).
✏️ Ukusha (burns).
✏️ Isifuba somoya (asthma).
✏️ Ukungcola kwezindlebe (ear infection).
✏️ Ukuphalaza noma ukukapalata uma ufunzwa ukudla (vomiting).
✏️ Ukwehlelwa yisisindo.
✏️ Umbandamu (ringworm).

 • Ingane egonywayo, negezwa ekuseni nasebusuku isiyolala, kayivami ukuhlaselwa yilezi zifo.


 #Ulwazi lucashunwe kwiCleveland Clinic Journal

menzi.jele@ilanagnews.co.za

0