12 | Izindaba
Friday, 11 July 2025
UCWANINGO LUVEZA UKUTHI U-81% UYALIHLOLA IGAZI KODWA UGXILA EKUHLOLELENI I-HIV...
Ukuzijwayeza ukuhlola igazi lakho kungakuxoxela okuningi ngempilo yakho...
Makhosi Dube
Uke ucabange ukuyohlola igazi ukubheka ezinye izifo onazo ngaphandle kokuhlolela isandulela-ngculaza (HIV)? Ucwaningo luveza ukuthi u-81% wabantu uyalihlola igazi kodwa ingqikithi yalokhu kusuke kuwukuhlolela iHIV.
Yize kunconywa lokhu kodwa kuyakhuthazwa ukuba abantu baye ukuyohlola igazi behlolela nezinye izifo.
Namuhla leli phephandaba lizobheka isifo se-Anemia ongasibamba kalula uma uzijwayeza ukuhlola igazi njengoba sitholakala kulo.
Iyini i-Anemia?
I-Anemia iyisigulo esidalwa wukuba buthaka kwegazi ngenxa yokwehla kwama-red blood cells ne-hemoglobin emqoka ekuqinisekiseni ukuthi igazi lifika kuwo wonke amalungu omzimba lihlanzekile.
Yisifo esingakhethi iminyaka nobulili njengoba siphatha wonke umuntu kuhlanganisa nezingane. Kuvela ukuthi abesifazane basengcupheni, ikakhulu labo asebeya esikhathini nabakhulelwe.
Ubona ngani ukuthi une-Anemia?
• Uzizwa ukhathele, ungenawo umdlandla wokwenza izinto ezejwayelekile noma uzizwe ubuthaka;
• Uphelelwa umoya ube nobunzima bokuphefumula;
• Uzizwa unesiyezi kumbe inzululwane;
• Uba nesikhumba esiphaphathekile;
• Uphathwa yikhanda njalo, kokunye kube yikhanda elingabekezeleleki.
Ibangwa yini?
• Wukushoda kwe-iron emzimbeni nokungadli ngendlela ukudla okunezakhamzimba.
• Wukushoda kwamavithamini ikakhulu uB12 otholakala enyameni, ufishi, ubisi, ushizi amaqanda nokunye.
• Yizifo ezingamahlalakhona njengesifo sezinso, umdlavuza neHIV/AIDS.
• Wukulahlekelwa yigazi eliningi njengokulimala, wukophela ngaphakathi nokopha kakhulu uma usesikhathini.
• Nofuzo luyaba yimbangela yalesi sifo.
Usizakala kanjani uma usunayo?
• Okumqoka wukubonana nodokotela ukuze uxilongwe ngokufanele, welulekwe nangohlobo losizo
ozoludinga;
• Shintsha indlela odla ngayo, uzame ukukhuthalela izidlo ezilekelela igazi ezine-iron njengesibindi (livers), inhlanzi, ubhontshisi, inyama, i-spinach,i-broccoli, i-asparagus,
no-beetroot nokunye;
• Ungangeza ngezithasiselo (supplements ikakhulu
awe-iron);
• Abezempilo bathi yelapheka kalula i-Anemia edalwa wukushoda kwe-iron namavithamini emzimbeni kunaleyo etholakala ngofuzo nehambisana nezigulo ezingamahlalakhona. Bathi lezi zinhlobo ezimbili zidinga ulokhu uqhubekile nemishanguzo yalesi sifo nezindlela zokusidambisa.
Ubungozi bokungayinaki i-Anemia
• Ukuziba lesi sifo kungadala ukuthi umzimba uhluleke wukuzelapha uma ulimele kumbe unenxeba;
• Ungenwa kalula amagciwane nezifo;
• Kungadala umonakalo kwezinye izitho zomzimba ngenxa yokuphazamiseka kwe-hemoglobin esiza
igazi ngomoya ohlanzekile;
• Abantwana abanayo bangaba nenkinga yokukhula kahle;
• Ungalahlekelwa yinjabulo yempilo ngenxa yokuhlale ukhathele.
Umbono kadokotela
UDkt Thabani Dlamini osebenzela ePoly Clinic KwaMashu, uthi lesi yisifo esijwayelekile kodwa iningi leziguli kalazi ukuthi liphethwe yiso okudinga ukuthi lize lichazelwe ukuze liqonde ukuthi liguliswa yini.
Uthi akuqaphelayo wukuthi abesifazane abayinaki kanti yibo abasengcupheni ikakhulu labo abopha kakhulu uma besezinsukwini zabo.
Uxwayisa ngokuthi i-Anemia iyingozi njengoba kumqoka ukuba umuntu abe nesilinganiso segazi elanele ukuze umzimba uzosebenza kahle ikakhulu ubuchopho nenhliziyo. Unxenxa abanezimpawu ezibalwe ngenhla ukuba babonane nodokotela, bangadembeseli.