12 | Izindaba

Friday, 06 February 2026

Izinto okufanele uzenze uma uhlaselwa yisiyezi

Ezempilo:

Menzi Jele

Isiyezi sihlasela abancane nasebekhulile, kasiyi ngeminyaka 

Image

NGOKUSHO kwabezempilo, kuyawuhlakaza umqondo uma unengcindezi ukuhamba , ushaywe wumoya.

ISIYEZI (dizziness), siyingozi ngoba singaba wumxhantela wezifo ezahlukene.

Isiyezi sidalwa wukushisa okweqile kulabo abazwela ukushisa. Wukuma isikhathi eside noma wukuhamba ibanga elide ungaphumuli.

Ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni, wukuncipha komfutho wegazi (low blood pressure), nokuba phezulu komfutho wegazi (high blood pressure), emzimbeni kuyasidala isiyezi.

Uma isiyezi sesihlasele, kungenzeka ugcine usuqulekile noma uphathwe yisifo sokudlikiza (fits). Uma unesiyezi ugcina usuphathwa yikhanda elinkenkethayo.

Isiyezi siyakuphatha uma usulambe kakhulu noma womele amanzi isikhahi eside. Abantu abazimukile (abakhuluphele kakhulu), isiyezi siyabahlasela, bagcine sebethatha amaphilisi.

Uma uvama ukuhlaselwa yisiyezi, bonana nodokotela noma isikhungo sezempilo.

Image

ABEZEMPILO bathi isiyezi siyakuphatha uma usulambe kakhulu.

NAKHU OKUFANELE UKWENZE

- Uma uhlaselwa yisiyezi, hlala phansi.

- Phuza amanzi amaningi, ungawajahi.
- Hlala endaweni enomthunzi.
- Jwayela ukuzivocavoca uma ungumuntu ovama ukuhlaselwa yisiyezi.
- Qaphela ukudla okudlayo, ungafobeli izinto ezinamafutha amaningi.
- Gwema ingcindezi nokuba nomzwangedwa.
- Hlala nabantu abakuthandayo, obathandayo, nabakwenza uhlale ujabule.
- Hleka uma kukhona izinto ezikwenza uhleke, khala "ungafeli ngaphakathi".

Image

KUBALULEKILE ukuphumula uma uzizwa unesiyezi.

Isiyezi kasiyi ngokuthi iminyaka yakho mingaki ngoba sihlasela abancane nasebekhulile.

Uma kukhona into ekuphethe kabi, khuluma ngayo ukuze idlule. Ukubamba amagqubu (ukungaxoli), nokungedlulisi kungakwenza ube nesiyezi.

Ukuhamba ongqengqemeni lolwandle, ushaywe wumoya wasolwandle ekuseni nantambama kungakwenza ukugweme ukuhlaselwa yisiyezi.

Ukuhlukana nezidakamizwa notshwala kungaba yikhambi lokugwema isiyezi.

Ulwazi lucashunwe kwabe: Moyo Clinic

menzi.jele@ilanganews.co.za

0