Izindaba | 12

Friday, 09  May 2025

Ngabe ibhande liyabulala na?

Ezempilo

Ongoti bathi lesi sifo sidalwa yigciwane elifanayo nelidala iChicken Pox

Image

Ngokusho kodokotela, ibhande lidaleka uma kuvuseleleka igciwane i-varicella-zoster (VZV), okuyilo futhi elidala neChicken Pox.

Mthokozisi  Dlomo

ZININGI izinkolelo kubantu ngesifo ibhande (shingles) ukuthi sidalwa yini, nokuthi sitholakala kanjani.

Lesi sifo sihambisana namaqhuqhuva amancane asondelene, ashoshozela ngendlela engabekezeleleki. Kunenkolelo yokuthi umuntu uyafa uma ibhande lize lihlangana.

Image

Libukeka kanje ibhande uma likuhlasele.

Lidalwa yini ibhande?

Ngokusho kodokotela, ibhande lidaleka uma kuvuseleleka igciwane i-varicella-zoster (VZV), okuyilo futhi elidala neChicken Pox.

Kuthiwa umuntu oke waba neChicken Pox ebuncaneni, noma ongakaze ayigomele, usengcupheni yokumilwa yibhande njengoba uma elashwa, igciwane liyathithibala, kalipheli lonke emzimbeni.

Kakwaziwa ukuthi yini le elivusayo leli gciwane.
Nakuba lesi sifo siziphatha nezingane, kodwa akujwayelekile, sivame kakhulu kubantu abadala.

Ngokusho kukaMnu Thobani Cele, ongumphathi wekhemisi elidala lamakhambi esintu KwaZihlahlazemithi, ibhande livame kakhulu uma kushintsha isimo sezulu, ikakhulukazi uma kungena ubusika.

UCele uveze nokuthi lesi sifo sande kakhulu kubantu abaphila negciwane lesandulela-ngculazi, uma amasosha omzimba esephansi.

"Ibhande lingamila nomaphi emzimbeni, kodwa imvamisa liba khona okhalweni, lapho kuhlala khona ibhande. Njengoba kuyisifo esidala nje, singabalaphi bendabuko sesaba nalo ikhambi lokuselapha," kusho uCele.


Ngabe ibhande liyabulala?

UCele uthi njengoba ibhande usuke ulibona ngaphandle, lisuke likhona nangaphakathi, yingakho kumele umuntu owelashwayo anikwe nokokuphuza.

 Uthi uma amaqhuqhuva ebhande eqhuma, ethola ukungcola, kungadaleka umonakalo ongaholela nasekufeni.

Ngokusho kweHealthline.com, esikhathini esiningi, ibhande kalibulali futhi kulindeleke ukuba liziphelele ngemuva kwamasonto amathathu kuya kwamahlanu.

Ithi lesi sifo singadala ukuvuvukala nokushisa kobuchopho, noma silimaze umuzwa wokuzwa ezindlebeni.


Lihlonzwa kanjani ibhande?

Abelaphi bendabuko balihlonza ngokubuka izimpawu nangokukhuluma neziguli.

Kwabezempilo kungathathwa uketshezi olukumaqhuqhuva noma kuthathwe igazi lesiguli, kuyohlolwa.

Image

Ukuhlola kwegazi ngenye yezindlela ezisetshenziswayo ukuhlonza ibhande.


Izindlela zokwelapha ibhande

* Lesi sifo siyelapheka ngamakhambi esintu.
UCele uthi nakuba abanye abelaphi bendabuko bezigcaba iziguli, yena akakukhuthazi lokho ngoba ukuvula isikhumba kungenza kungene udoti, noma umjuluko, bese kubhibha.
* Uma ibhande selingenwe yigciwane, udokotela angakunika umjovo ngaphezulu kwezinto zokugcoba.

Image

Uyakwazi nokuthola umjovo uma ibhande selingenwe yigciwane ngaphezu kwezinto zokugcoba.


Ubuhlungu bebhande yinto engabekezeleleki, uma unalo ungaphuza amaphilisi ukudambisa izinhlungu, ubeke nethawula elibandayo kulona.

Kuyasiza nokugqoka into engakubambi, engezulokhu ikuthinta, ikwandisele izinhlungu.
Njengazo zonke izifo, odokotela bakhuthaza ukusheshe uthole usizo lwezempilo uma uqalwa yibhande.

Kuthiwa umuntu okumele engawapholisi nakancane amaseko ngumuntu okhulelwe, nomuntu onamasosha omzimba antekenteke. Kuthiwa nakuba ibhande lingathelelani, kodwa igciwane iVZV lingadlulela komunye umuntu, lidale iChicken Pox.

0