12 | Izindaba
Friday, 12 June 2026
EYOKUNIKELA ngegazi kayikagxili kakhulu ebantwini abampisholo
Ezempilo: noMthokozisi Dlomo
INYANGA kaJune ithathwa njengeyokukhu- thaza abantu ukunikela ngegazi nokubungaza labo abanikelayo ukuhlenga impilo yabantu.
NgeSonto (June 14) yiBlood Donor Day.
Ngokusho kweSouth African National Blood Service (SANBS), wu-1% kuphela wezakhamizi ezinikela ngegazi, okuyisibalo esincane kakhulu kunegazi elidingekayo ezikhungweni zezempilo nsuku zonke.
Miningi imikhankaso esiyenziwe kule minyaka edlule, ukukhuthaza abantu ukunikela ngegazi, kodwa namanje kusenzima ebantwini abamnyama ukunikela ngobuningi.
Ziningi-ke izizathu engiyaye ngizwe zibekwa, ezinye ezithinta izinkolelo, nezinsolo zokuthi igazi labo liyadayiswa ezibhedlela.
Kodwa-ke okubalulekile okungephikwe, wukuthi igazi elinikelwayo libalulekile ukulekelela izisulu zezingozi zomgwaqo, iziguli ezihlinzwayo, yizingane ezizalwa zingakakhuli kahle ngokwanele, abesifazane ababa nezinkinga uma bebeletha, ukwelapha umdlavuza, nokunye.
Esikhathini esiningi awukuboni ukubaluleka kokunikela, kuze kufike isikhathi lapho nawe usulidinga igazi ukuze kuhlengwe impilo yakho. Ngiwubufakazi balokhu.
Ngubani onganikela, futhi kanjani?
ENingizimu Afrika umuntu onganikela igazi kungaba ngoneminyaka ephakathi kuka-16 no-75, kube ngumuntu onesisindo esingaphezulu kuka-50kg, futhi ophile kahle.
Abantu abanezifo ezithile noma abagxile kakhulu ezidakamizweni, kabavunyelwe ukunikela.
Ezweni lonke zimbili kuphela izikhungo ezigunyazwe ukuqoqa igazi, yiSANBS neWestern Cape Blood Service.
Umuntu onikelayo angaphinde anikele emuva kwezinsuku eziwu-56.
Okunye mayelana nokunikela:
Kuthiwa igazi kunesikhathi esithile kuphela elikwazi ukugcinwa sona ngaphambi kokuba lonakale.
Ama-red blood cells, kuthiwa ahlala izinsuku eziwu-42 kuphela, okusho ukuthi ukunikela kumele kube yinto eyenziwa njalo ingami, okuyinto eyinselelo esikhathi sasebusika.
Abantu abafisa ukunikela noma abafuna olunye ulwazi, bangafonela inombolo yamahhala ethi: O800 11 9031, bathumele i-email ku-customerservice@sanbs.org.za noma bavakashele i-website ethi - sanbs.org.za.