12 | Izindaba

Friday, 29 August  2025

Sikhuphula 
Istofu noDkt Thabile Mthembu

Ezempilo

 Kubalulekile ukukhululeka nixoxe ngenkonzo yasekamelweni

 
Emshadweni noma ebudlelwaneni obuhle, ukukhuluma ngocansi akuyona inkulumo yokuncokola kepha kuyisidingo...

Image

“NGIKHULUMA naye ngocansi ngoba ngiyamthanda. Futhi sengimtholile umuntu engingamtshela konke ngaphandle kokwesaba ukuthi uzongahlulela.”

Lena yinkulumo ejwayelekile phakathi kwezithandani ezizinzile noma ezinesikhathi eside zindawonye, kodwa iqiniso lithi, akuwona wonke umuntu okhuluma kalula ngocansi.

Kwelinye ikhaya kuthiwa kuyihlazo, kwelinye kube yinto engabuzwa nhlobo. Kodwa emshadweni noma ebudlelwaneni obuhle, ukukhuluma ngocansi akuyona inkulumo yokuncokola kepha kuyisidingo.

Image

Kungani kufanele nikhulume ngocansi njengabathandanayo?

Ukukhuluma ngocansi phakathi kwezithandani akusho ukuphoqelela ucansi, kodwa kusho ukuvulelana izifuba, lapho nobabili nizizwa niphephile khona.

Kungani kubalulekile:

✔️ Kwakha ukuzwana: Uma nazi ukuthi yini ejabulisa omunye nomunye, kuba lula ukujabulisana; kungabibikho ukuzenyeza noma ukungakhululeki.
✔️ Kugwema ukungahoshelani: Izinkinga zocansi zingabangela ukufikelwa umona, ukudikibala noma ukuyofuna ngaphandle ukuxoxa kuvimba konke lokhu.
✔️ Kwakha ukwethembana: Uma ukwazi ukukhuluma ngesihloko esibucayi nomlingani wakho, kusho ukuthi ninokwethembana okujulile.

Image

Okufanele nikhulume ngakho:

✔️Okunithokozisayo noma okungasathokozisi ocansini;
✔️ Yizinto ezintsha eningathanda ukuzizama;
✔️ Yisikhathi enithanda ukukwenza ngaso;
✔️ Yizinkinga njengokungabi nelukuluku, ubuhlungu noma ukushoda kwesikhathi
Izindlela zokukwenza kube lula

Izindlela zokukwenza kube lula:

✔️ Qala ningekho ocansini: Ungaqali ingxoxo embhedeni, khetha isikhathi lapho nobabili ningekho ngaphansi kwengcindezi.
✔️ Sebenzisa okuzwe ezindabeni, encwadini noma ezihlokweni ezidingidwayo: Isibonelo: “Ngifunde umbhalo othi amadoda amaningi ayesaba ukukhuluma ngemizwa yawo…”
✔️ Sebenzisa ulimi oluhloniphekile: Gwema amagama aqeda ukuzethemba noma enza omunye azizwe engolahliwe.
✔️ Lalela ngaphandle kokwahlulelaUma ethi akasakuthokozeli okuthile, ungakuthathi njengokugxekwa lokho, kodwa njengengxenye yokwalulekana nokucathulisana.

Image

Sikhule emphakathini lapho ucansi lubizwa njengento embi uma yenziwa ngaphandle komshado, kwabanye bekuyinto okungamele owesifazane akhulume ngayo. Kodwa manje siphila esikhathini lapho ukunakekela impilo yethu yomqondo, umzimba neyezocansi sekuyinto ejwayelekile.

Ukugcina ingxoxo iphila

Ungaxhumani nophathina uma kunezinkinga kuphela, yenzani ukuxoxisa ngenkonzo yasekamelweni kube yinto eyejwayelekile. Njengoba nixoxa ngemali, izingane, noma amaphupho enu, ucansi nalo malube yingxenye yale ngxoxo ngoba lubalulekile.

Sengiphetha nje nasi isiyalo sokugcina: Isithandwa esikuthandayo siyakulalela. Isithandwa esikukhathalelayo sizokhuluma nawe ngendlela ephansi futhi enenhlonipho. Isithandwa esifuna ukwakha ikusasa eliqinile, sizokhuluma nawe nangocansi ngenkululeko ngoba sithanda ukukhuluma konke nawe.

0