12 | Izindaba

Friday, 21 November 2025

ย Kubalulekile ukuhlolelwa ushukelaย 

Baningi abanezinga eliphezulu likashukela kodwa abangazi...

Image

Thandi Zondiย 

KUNGABE ungomunye weningi labesifazane baseNingizimu Afrika abanezinga likashukela elingaphezulu kwelejwayelekile?

Kuthiwa iningi labesifazane linoshukela omningi egazini (pre-diabetic) kepha kalazi. Uma kuthiwa u-pre-diabetic kusuke kuchazwa ukuthi ushukela osegazini ungaphezu kowejwayelekile. Nakuba kunjalo, usuke ungakabi nesifo sikashukela okuwuhlobo olubizwa nge-type 2 diabetes, oluhaqa iningi.

Image

Lolu hlobo (type 2), lubangelwa yindlela umuntu aphila ngayo nohlobo lokudla akudlayo. Phakathi kokudala lolu hlobo ukungazivocavoci, ukudla ngokweqile, ukudla okunoshukela nokudla okungenamsoco.

Isibalo sabesifazane abanoshukela omningi egazini kuthiwa siphezulu uma kuqhathaniswa nabesilisa, ngenxa yesibalo sabo esiphezulu sokukhuluphala ngokweqile.

Image

Kanti noshintsho kuma-hormone oludalwa wukufika esigabeni sokukhula esaziwa
nge-menopause nokusebenzisa izivimbela nzalo ezithile, nakho kungaba nomthelela ekutheni umzimba uwusebenzisa kanjani ushukela.

Ngebhadi, kuthiwa iningi labantu kalazi ukuthi linoshukela omningi ngokweqile egazini, ngenxa yokuthi kazikho izimpawu eziba khona. Yingakho kubalulekile ukuthi uhlolelwe ushukela ukuze uthole kusenesikhathi.

ย  Ngubani okumele ahlolelwe ushukela:

๐Ÿ’‰ Okhuluphele ngokweqile ikakhulu uma amafutha emaningi okhalweni;
๐Ÿ’‰ Onomlando wesifo sikashukela emndenini (Type 2 Diabetes);
๐Ÿ’‰ Onomfutho wegazi ophezulu (high blood pressure), amafutha amaningi emzimbeni (cholesterol) noma isifo senhliziyo;
๐Ÿ’‰ Oke waba noshukela ngesikhathi esakhulelwe noma obelethe umntwana omkhulu ongaphezu kuka-4kg;
๐Ÿ’‰ Oyivila, ongawunyakazisi umzimba noma odla ngendlela engenampilo;
๐Ÿ’‰ Oneminyaka ewu-45 noma ngaphezulu.

ย  ย  ย ย Zivikele kwi- type 2 diabetes:ย  ย  ย  ย 

๐Ÿƒ๐Ÿพโ€โ™€๏ธ Nyakazisa umzimba nsuku zonke: Ngisho kungabe uhamba u-30 minutes kuzowenza umehluko
๐Ÿฅ— Yidla kahle: Yehlisa iziphuzo ezinoshukela nama-processed snacks, udle okunokolweni, ama-legume, amaveji, izithelo nenyama engenamafutha.
๐Ÿ‹๐Ÿพโ€โ™€๏ธYehlisa isisindo: Yehlisa isisindo somzimba, kungehlisa ingcuphe yokuphathwa wushukela
๐ŸงชHlolwa njalo ngonyaka: Ukuhlola kusenesikhathi kungakusiza ukuthi ungabi
ย no-type 2 diabetes


Ukuba noshukela omningi egazini (pre-diabetes) kwejwayelekile futhi kuyelapheka ngokulandela izinyathelo ozinikwe ngabezempilo.

Ukuhlola kusenesikhathi kungahlenga impilo yakho.

*
Ulwazi lucashunwe kwaBonitas.

0