12 | Izindaba

Friday, 17 October  2025

Kulobe
uMthokozisi Dlomo

Ezempilo

 Ithemba lokunqoba isandulela-ngculaza ngomjovo wokuvikela

Uzoqala ukusatshalaliswa ngonyaka ozayo ezindaweni ezinesibalo esiphezulu sabantu abathelelekayo 

Image

ININGIZIMU Afrika izoqala ukunika umphakathi umjovo, iLenacapavir (LEN), ukuvikela abantu bangangenwa yigciwane lesandulela-ngculaza, kusukela ngoMashi wonyaka ozayo, u-2026.

Image

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi kuleli sonto, othe lo mjovo, ozonikwa umuntu njalo emuva kwezinyanga eziyisithupha, uzosiza ukunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane, ligcine ngokuphela.

"Sidinga izindlela zokuvikela ezihambisana nesikhathi nempilo ephilwa ngabantu. ILenacapavir yandisa izindlela abantu abangakhetha kuzo, abangazisebenzisa ukuzivikela," kusho uMotsoaledi.

Ngo-2016, uhulumeni waseNingizimu Afrika wethula iphilisi iPre-exposure Prophylaxis (PrEP) nalo okuthiwa livikela ukuba abalithathayo, bangangenwa yiHIV.

Image

UMotsoaledi uthe abanye abantu bakuthola kungcono ukuthatha umjovo owodwa ohlala isikhathi eside, kunokuphuza amaphilisi nsuku zonke.

Elakuleli liyaqhubeka nokuba ngelinye lamazwe akhahlanyezwe yileli gciwane, njengoba kuthiwa balinganiselwa ku-150 000 abantu abathelelekile ngo-2022 no-2023.

Image

Kube nelikhulu itwetwe ngesikhathi uhulumeni waseMelika umemezela ukunqamula uxhasomali lwezempilo obuhlinzeka ngalo iNingizimu Afrika.

Ukusatshalaliswa komjovo iLEN, kuthiwa kuzoqalwa ezindaweni ezinesibalo esiphezulu sabantu abatheleleka ngegciwane lesandulela-ngculaza.

Ilinganiselwa ku-360 imitholampilo okulindeleke ukuba iqale ukuhlinzeka abantu ngalo mjovo.

Kuzoqala kugxilwe kakhulu, kubantu abasengcupheni kakhulu okubalwa kubona amantombazane asemancane, abesifazane abazithwele nabancelisayo, nabesilisa abaya ocansini nabanye besilisa.

0