Izindaba | 12

Friday, 18 April 2025

Image

KUNGAKHOMBA izinkinga ukuphathwa yisilungulela kuze kube kathathu esontweni.


Isilungulela singaba yinkomba yezifo ezibucayi emphinjeni

Sheshe usukume uma unale nkinga

Mthokozisi Dlomo

ISILUNGULELA yinto evame ukuthatha isikhasha-na, ephatha abantu abaningi, futhi okulindeleka ukuthi ibuye iziphelele. Kodwa-ke uma sikupha-tha umlibe noma sesibuya njalo, lokho kungaba yinkomba yezigulo ezibucayi.

Siyini isilungulela?

Ngokusho kweHealthline.com, isilungulela senzeka uma ama-acid asesiswini ebuyela emuva ngepayipi lokudla, bese enza kushise umphimbo (esophagus). Lokhu kubuye kwaziwe ngele-acid reflux.

Ongoti bathi kubalulekile ukwazi ukuthi yini ekubangela isilungulela, nokuqaphela ukuthi lesi onaso ngaleso sikhathi, kasidalwanga yini yinto oyidlile.
Bathi isilungulela singakhomba izinkinga emphinjeni womuntu, ngakho kubalulekile ukuthola usizo lwezempilo uma sikuqinisa.

"Uma ugwinya ukudla noma okuphuzwayo kungena esiswini, kunento ebizwa nge-lower esophageal sphincter, evala umlomo wesisu ukuze okusesiswini kungabuyeli emuva phezulu. Uma lesi sivalo singavalile kahle, yilapho kwenze-ka khona i-acid reflux,"  kubika iHealthline.com

Image

Ukushintsha ukudla okudlayo noma indlela ophila ngayo kungasiza isilungulela

Kungenzeka ukuthi unesifo iGastroesophageal Reflux Disease (GERD). Ongoti bathi lesi sifo sihambisana nokukwehlela noma ukukhincwa ngenxa ye-acid esifubeni, ubunzima uma ugwinya, ukuphalaza nokukhwehlela igazi nokuncipha emzimbeni.

"Uma udinga ukuba usebenzise imithi ukuthoba isilungulela kabili noma kathathu ngesonto, udinga ukuyobonana nodokotela ukuze akuhlole." Kwesinye isikhathi isilungulela siyaba yinkomba yomdlavuza womphimbo (esophageal cancer)

Sidalwa yini isilungulela?
Esikhathini esiningi imbangela wukudla esikudlayo. Ongoti bathi kuya ngomzimba womuntu, kodwa izinto ezejwayelekile ezibanga isilungulela:-
- wukudla okunamafutha,
- wukudla okubabayo,
- wubhontshisi,
- wutamatisi,
- amazambane,
- wushukela
- wutshwala neziphuzo ezihlohlozayo.

Image
Image

Ungasigwema noma ungaselapha kanjani?

- Ungasebenzisa imithi etholakala emakhemisi, ebizwa ngama-antacid. Le mithi inciphisa i-acid esiswini.
- Ungashintsha ukudla okudlayo, ugweme izinto ozaziyo ukuthi zikubangela isilungulela.
- Isilungulela esibucayi kakhulu singadinga ukuthi usebenzise imithi oyiyalelwe ngudokotela noma uhlinzwe.

Izinto ongazizama ekhaya:
- ukuphuza ubisi.
- ukudla ubhanana no-ginger.
- Yi-apple cider vinegar no-baking soda.
Abanye abantu bayaye bathi bezwa ubungcono uma bekhotha umlotha noma bekhuma ushukela uma benesilungulela.

Zikhona nezinye izinto okuthiwa ziyasiza, kodwa ongoti bakhuthaza ukuthi umuntu asheshe asukume uma enesilungulela esingapheli noma esibuhlungu kunalesi ajwayele ukuba naso.

0